Ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane
Ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane lesi isihlava esibi esesidlangile kulezinsuku. Imibiko yakamuva iveza ukuthi siyenyuka isibalo sabesifazane kanye nezingane abahlukunyezwayo e Ningizimu Afrika. Umbiko ovela emyangweni wezenhlalakahle ukhomba ukuthi baningi abesifazane kanye nezingane abahlukunyezwayo noma kungesibo bonke abaphumela obala. Iningi labahlukunyezwayo liyesaba ukuphumela obala ngokuhlukunyezwa kwabo,lokho kwenza ukuthi kube nzima ukulwa nalesi sihlava.Umnyango wezamaphoyisa eNingizimu Afrika uveza ukuthi senyukile isibalo sabantu abavula amacala kodwa inqinamba ababhekana nayo ukuthi abamangali bayawasula amacala.[1]
umkhankaso
hlelaUngqongqoshe wamaphoyisa eNingizimu Afrika uMnumzane Senzo Mchunu uthi " kunomkhankaso ozoqala enyangeni ezayo lapho kuzobe kuqwashiswa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane".Uveze ukuthi iningi labesifazane abahlukunyezwayo lihlukunyezwa ngabantu abathandana nabo futhi abahlala nabo.Ubese enxusa ukuthi nabantu besilisa babe inxenye yalomkhankaso ukuze bezokwazi okumele bakwenze ukuze bezokwazi ukuvikela abesifazane kanye nezingane. [2]
Ukuvikela
hlelaAbesifazane kanye nezingane bayahlukumezeka ngokukhulunywa kubo ,kumele basheshe bakubike lokho ngaphambi kokuthi kundlulele ekushayweni kwabo. Kuneminyango eminingi ebhekelele ezenhlalakahle yabesifazane kanye nezingane. Ababike kuleminyango elandelayo :Umnyango wezasekhaya,umnyango wezokuphepha kanye nomnyango wezempilo. Bangafonela inombolo yamahhala ethi-0800445678.[3]