Ukukhwentuza (kumchazandalo)

"ukukhwintshika" kwamaZa kuxhakasimo

Ukukhwentuza kuwukuguquka kokuqonbotha kweZa kuxhakasimo (interface) okuphakathi kwezinto ezimbili ukuze IZa libuyele lapho lidabuka khona. Izibonelo ezivamile zihlanganisa ukukhwentuza kokukhanya, amaza womsindo namanzi. UMthetho wokukhwentuza uthi ukuze kube nokukhwentuza okubonwayo (isithunzi esibukweni) ingoni yeZa elenzekayo ilingana nengoni elikhwentuzwa ngayo.

Ukukhwentuza okuveza isithunzi se- ntaba i-Hood echibini i- Mirror Lake .

Kwezomyamuko (acoustics), ukukhwentuza kubangela izinanelo (echoes) futhi kusetshenziswa ku-sonar. Ku-geology, kubalulekile ekufundweni kwamaza okudlidlizeka. Ukukhwentuza kuqashelwa ngamaza asebusweni bamanzi aqoqene. Ukukhwentuza kuyaqashelwa ezinhlobweni eziningi zeZa lenzubawonga, ngaphandle kwesokhanya, Ukukhwentuza kwe-VHF kanye nemijinge ephezulu kubalulekile kufufukiso lomsakazo nakusiFuniseli. Amagu X aqinile kanye nemisebentathu nazo zingakhwentuzwa ezingonini eziphansi kusetshenziswa isibuko sekhethelo soku "grazing"