Ukulobola sisuke sikhuluma ngokuthi abantu ababili abathandanayo lo wesilisa uyahamba ayocela ubuhlobo obuhle kulo wesifazane.Uqala ngokubhala ingcwadi ecela ubuhlobo noma acela ukuthi lo wesifazane abe ingoduso yakhe.Bese abokubo ka lo wesifazane beyavuma bese kuhlelwa usuku lokuthi kufike omalume balo wesilisa beya kubo ka lo wesifazane behambise amalobolo.kumele baphathe imali noma izinkomo. kuya ngomndeni ukuthi ufuna ini.

Imvula mulomo

hlela

omalume abasuke bezolobola bafika esangweni bamemeze izithakazelo zalo owesifazane bacele ubuhlobo obuhle kumele kuphume umuntu ozobamukela bese engakhulumi lutho kumele beqale bekhiphe imali okuyimvula mlomo. bese bengena ngaphakathi ziqale izingxoxo zamalobolo bekhiphe lokhu abasuke bekuphethe kuye kube imali noma izinkomo kanye nebhodlela lotshwala.bese kubizwa wonke amantombazane asuke ekhona azifihle bese omalume walo ozolobola bekhetha umakoti wobo kusuke kufuneka ukubonakala ukuthi bayamazi yini umuntuntu abezengaye.

 

Ireferensi[1]

hlela
  1. https://dsae.co.za/entry/ukulobola/e07440