Ukungenelela kwamasosha angaphandle eRussia

Ukungenelela kwamasosha angaphandle eRussia (1918-1922/25) - ukungenelela kwezempi kwamazwe e-Entente kanye ne-Central Powers (i-Quadruple Alliance) eMpini Yombango eRussia (1917-1922/23) ohlangothini lwe-White movement. Ziyi-14 izifundazwe ezibambe iqhaza kulolu kungenelela, phakathi kwazo kukhona iNingizimu Afrika.

Nakuba igalelo leNingizimu Afrika belibonakala lilincane kakhulu, izinga lamasosha ethu belincomeka kakhulu. Ababili kubo baklonyeliswa ngendondo ye-Victoria Cross eyayihahelwayo, indondo ephakeme kunazo zonke eBrithani ngenkonzo evelele lapho bebhekene nesitha, futhi abaningi bahlotshiswa phakathi nempi noma kamuva bathola imihlobiso ngezinkonzo zabo eRussia. Mhlawumbe okuphawuleka kakhulu, laba bantu baseNingizimu Afrika, bonke ababengamavolontiya, kwadingeka bazimisele ukubeka izimpilo zabo engozini futhi ngemva nje kokuba sebephile empini embi kakhulu emlandweni.[1]

Umthombo hlela

  1. Scientia Militaria: South African Journal of Military Studies, Vol 15, Nr 4, 1985, pp. 46–48. Accessed January 24, 2016.