Ukuthunjwa kwabesifazane eNingizimu Afrika

Ukuthunjwa kwabesifazane eNingizimu Afrika bekuyilokhu futhi kusawudaba olukhathazayo kakhulu njengoba izibalo zikhombisa inani elinakhaphezu kwama-85% wabantu besifazane abathunjwa mihla namalanga njengoba kuyibona ababuthaka futhi abasengozini.

ukuthunjwa

Imbangela yenani eliphezulu lokuthunjwa.

hlela

Leli nani liholelwa yizici ezifana nokushushumbiswa kwabantu ngenhloso yokudayisa ngezicubu zomzimba okanye babadayisele abamazwe angaphandle ukuze bebadiyisise ngomzimba bengaphansi kwencindezi yezidakamizwa. Okuningi kwalokhu kuthunjwa kuvame ukuhlelwa ama-syndicate obugebengu obuhleliwe lapho bebheka imisika nokuhlala kwakho okungaba abantu obaziyo noma ongabazi.

Imithelela yokuthunjwa.

hlela

Odokotela bengqondo sebeveze ukuthi lezi zimo zidala ukuhlukumezeka ngokomqondo nangokomzimba okuvame ukushiya izibazi ezihlala njalo eziholelwa ukulahlekelwa ithemba empilweni nase bantwini.

Ngaphandle kwemizamo eyenziwa abomthetho ukulwa nalobu bugebengu, kudingeka izindlela ezintsha zokuqinisekisa ubukani nokuphepha kwamakhaya asengozini.[1]

IZINKOMBA

hlela
  1. https://businesstech.co.za/news/lifestyle/775200/warning-over-express-kidnapping-in-south-africa/