Ukuxhumana

isenzo sokudlulisa incazo ehlosiwe

Ukuxhumana ngokuvamile kuchasiswa ngokuthi ukufufukiswa kokwaziswa. Incasiselo okuyiyona kusaphikiswana ngayo nangokuthi ingabe ukufufukiswa okungenanhloso noma okugejile kuayabalwa yini nokuthi ingabe ukuxhumana kufufukisa umqondo kuphela Nona kuphinde kuwakhe. Izinongo zokuxhumana zenziwe zyizifinyezo ezilula zezigcoyi eziyinhloko zokuxhumana sokwenanana kwazo. Izinongo eziningi zihlanganisa isu lokuthi umthombo usebenzisa inguqukezo (coding) ukuze uveze ukwaziswa ngesimo somlayezo. Bese umlayezo uthunyelwa ngomgudu ubheke kumamukeli wawo okufanele awunyalule ukuze awuqonde. Umkhakha oyinhloko wokucwaninga ngokuxhumana ubizwa ngokuthi izifundo zezokuxhumana.

Conversation between two businessmen
Sign language
Written communication
Bird calls
Bee communication
Pioneer plaque
Kunezindlela eziningi zokuxhumana, ezihlanganisa ulimi lwabantu lwemisindo, izandla, nokubhala izimpawu, izilwane ezinanana ngokwaziswa, nemizamo yokuxhumana namankengane

Indlela evamile yokujinja ukuxhumana incike ekutheni ingabe ukwaziswa kunananiwe phakathi kwabantu, phakathi kwamalunga womunye umqhinqa, noma phakathi kwezinto ezingaphili ezifana nezicikizi. Ukuxhumana kwabantu kuhlukaniswe kwaba, ukuxhumana ngamazwi nokuxhumana okuswelamazwi. Ukuxhumana ngamazwi kubandakanya ukwenanana ngemilayezo ngolimi, okuyimiyalezo ekhulunywayo nebhalwayo kanje nolimi lwezimpawu. Ukuxhumana okuswelamazwi kwenzeka ngaphandle kohlelo lolimi, ngokwesibonelo, ngokusebenzisa ulimi lomzimba, ukuthinta , nommomo wobuso. Omunye umehluko uphakathi kokuxhumana okuphakathi kwabantu, kanye nokuxhumana komuntu oyedwa, okuwukukhuluma ngayedwana. Ikhono lokuxhumana lihilela ukuqephuza kahle futhi kusebenza ekucabayeni imiyalezo nasekuyoqondeni.