Ukwenziwa koMqombothi
Ukwenziwa koMqombothi esizweni samaZulu sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba. Uma Sikhuluma ngoMqombothi sisuke sikhuluma ngotshwala besiZulu obenziwa ngezandla emakhaya.
Izizathu Zokwenziwa KoMqombothi.
hlelaziningi izizathu zokwenziwa koMqombothi eNingizimu Afrika noma emakhaya esphila kuwo.Okokuqala singabala ukuthi uMqombothi wenziwa uma ekhaya kuzoba nomsebezi othile ozobangela ukuthi kube nabantu abazoba khona bezoneseka.Esikhathini samanje kodwa sewuvele wenziwe noma kungeke kube khona umsebenzi othile ekhaya, bayawenza emakhaya bewenzela ukuwudayisela abantu ukuze bethole imali yokuya ngasethunjena noma bexoshe ikati elilele eziko.
Wenziwa kanjani uMqombothi.
hlelaUma kwenziwa uMqombothi kuyiwa ehlathini kuyolandwa izinkuni ukuze kuzobaswa umlilo phandle ngoba awenziwa ezitofini. Okunye futhi ngaphambi kokuwenza kumele uthenge izinto ezithile ozozifaka njengoshukela, impuphu kanye nemithombo.Abanye bayadideka ukuthi uma sikhuluma ngemithombo sikhuluma ngani,uma sikhuluma ngemithombo sikhuluma ngento eyenza ukuthi uMqombothi wakho ubile ukuze uzozwakala kahle kulaba abazowuphuza.[1]