UmQaziyelo

umyalezo okuthiwa uvela kusomandla

Kwezenkolo, umqaziyelo noma isiprofetho singumyalezo odluliselwa kumuntu (umqaziyeli noma umprofethi) ewunikwa okuthile okunamandla aphakeme. Imiqaziyelo iwulwangu lwamasiko amamingi nezimiso zenkolo eziningi futhi ivane ukubandakanya intando engcwele noma umthetho, noma ulwazi oluqabavimvelo lwezenzakalo zesikhathi esingakafiki. Imiqaziyelo ingambulelwa umqaziyeli ngezindlela eziningi kuye ngenkolo nendaba, ezindlela ezifana nemibono, ukubhula, noma ukuxhumana ngokuqondile nezinto ezingcwele ngesimo soqobo. Izindaba zezenzo zokuqaziyela ngesinye isikhathi zinakwa kakhulu futhi ezinye ziye zasinda amakhulu eminyaka emasikweni adluliswa ngomlomo noma emibhalweni yenkolo.

Umdwebo wokhuni wekhulu le-16 lombhuli oyisa umqaziyelo enkosini, ewususela ezinkanyezini, ezinhlanzini nasemisindweni evela ezintabeni.