Umakoti ngumuntu wesifazane osezoshada noma osanda kushada .

Lapho kwenziwa umgcagco, lowo ozoba umyeni kamakoti, ngokuvamile ubizwa ngokuthi umkhwenyana noma umkhonyana nje . Ngokwesiko laseNtshona, umakoti angase ahanjelwe yimpelesi eyodwa noma ngaphezulu. Kanjalo nangokwesintu, umakoti uphelezelwa izimpelesi.

Igama elithi "umakoti" lisuka egameni lesiLala, okuwulimi olwalukhulunywa eNingizimu nakwaZulu. NgesiLala kuthiwa "uMakhoti".