Umbuso wokuzihlukanisa

Umbuso wokuzihlukanisa, phecelezi i-autarky ngesiNgisi, nguhlobo lombuso lapho umbuso noma umphakathi uhlosa ukuzibusela wodwa ngaphandle kokusizana neminye imibuso. Izibonelo zalolu hlobo lokubusa ngamazwe njengeNorth Korea, umbuso kaAdolf Hitler eJalimane, iNgilande kusukela isikhathi sika-Brexit namanye aphokophele kabi ukuba nomnotho nenhlalo yezinga elifanele.


Ngaphansi kombuso ozihlukanisayo umnotho uvama ukubhidlika ngenxa yokuthi leyo mibuso efuna ukuzihlukanisa kwezomhwebo nezombusamazwe ingakwazi ukuzondla ngezinga elifanele. Umnotho wezwe udinga ukuhwetshwa kwezimpahla, ukudla, imibono, amasiko, nokunye okuningi ukuze kungaphilwa kahle kucebile kuwonkewonke. Futhi-ke abantu abamemezela ukuletha ukuhlukaniswa kombuso bavamisile ukusola abokufuka ngazo zonke izinkinga ezikhona emphakathini - kuke kwenzeke lokho kuwo wonke amazwe ayezibusa ngokuzihlukanisa aze adilike onke.