Umchazathixo uwukucwaningwa okuhlelekile kwesimo esingcwele futhi, kabanzi, kwezinkolelo zenkolo. Umchazathixo ufundiswa njengesifundelo sasemanyuvesi nasezufndelweni (seminaries). Uphathelene nesiqikili esiyingqayizivele sokuhlaziya okungaphezukwemvelo, kodwa ubuye ubhekane nomchazalwazi wenkolo, ubuze imibuzo futhi ufune ukuphendula umbuzo wokwambulwa. Isambulo sibandakanya ukwamukela uThixo, izithixo nabonkulunkulwana, hhayi njengokuqabavile noma okungaphezu kwezwe lemvelo, kodwa njengokuzimisele nokunekhono lokuxhumana nezwe lemvelo, futhi ngokukhethekile, ukuzambula eluntwini. Nakuba umchazathixo usuphenduke umkhakha odumile, abalandeli benkolo basabheka umchazathixo njengomkhakha obasiza ukuba baphile futhi baqonde izicabango ezifana nempilo nothando nezibasiza ukuphila ngokuthobela onkulunkulu ababalandelayo nababakhulekayo.

Abachazithixo basebenzisa izinhlobo ezihlukile zenhlaziyo nempikiso (yobungcweti, yenjulalwazi, echazuhlanga, yomlando, nezinye) ukuzisiza baqonde, bachaze, bavivinye, bagxeke, bavikele noma baqhakambise izintilibathwa zezihloko zenkolo. Njengasenjululwazini yomcondozo nakwezomthetho, izimpikiso zivame ukuzindlekela ukuba khona kwemibuzo engakaxazululwa eyandulele, futhi bathuthukisa ngokwenza imizekelo kuyo ukuze bahoshe izibhekiso (inferences) ezintsha zezixazululo ezintsha.