Umcimbi womemulo esizweni samaZulu: Umemulo umcimbi owenziwa isizwe samaZulu nezinye izizwe zabe Nguni eziphila ezweni lase Ningizimu (Mzansi) Afrika naseZwenikazi i-Afrika ngobungako balo. Lomcimbi wenzelwa amantombazane aziphathe kahle agcina ubuntombi bawo baze bahlanganisa iminyaka emamashumi amabili nanye, asephuma esigabeni sobungane alungiselela ukungena esigabeni sobuntombi. Kuyenzeka-ke, ukuthi nomuntu wesilisa enzelwe lomcimbi ngezizathi ezahlukene kungaba ukuthi lomcimbi ufunwa okhokho bakhe, uyiwele nentombazane noma ebambela udadewabo osewendela kwelobabamkhulu lungagciniwe lolusiko nokunye okungaba yizizathu zokuba wenzelwe umfana lo mcimbi. Kuyenzeka-ke futhi owesillisa enzelwe lomcimbi ngizizathu ezehlukile kulesi samantombazane kodwa kungenzeka nje ukuthi uma umfana eziphathe kahle sekubonakala ukuthi sekumele ngabe usengumuntu ozibandakanyayo ezenzweni ezenziwa ngabantu besilisa abasesigabeni sakhe kodwa uthole ukuthi yena akazimbandakanyi. Abazali bakhe babe sebehlanganis amakhanda beludingide udaba lwakhe ngasese bevumelane ebese bemhlelela lomcimbi. Isigaba esilandelayo sizobe sesichaza kabanzi ngemigomo nemicikilisho elandelwayo uma kwenziwa lomcimbi.