Umgcagco wesintu wamaZulu

Elinye igama elichaza umgcagco lisho ukuthi umshado.Sizobheka indlela ama Zulu ayenza ngawo umshado wabo ngokwazi kwami kunezindlela eziningi ukumele zilandelwe ukuze kufinyelelwe esigabeni sokugcina sokugcagca.

Indlela yokugqoka

INDLELA OKWENZIWA NGAYO

hlela
 
kubuzwa umthetho(iphoyisa)

Kuyaye kuqalwe ezindabeni zama lobola kweziwe izimfanelo zakhona engingeke ngisazi dalula zonke.Yonke into esisuke siyenza kumele ibikwe edlozini ,uma sekuqediwe kungena enye indaba yokumbesa noku khehla abanye baye bathi izibizo .Uma sekuqediwe ngalokho ilapho sekungena khona indaba yomugcagco lapho abakwa mkhwenyana bazofika ngaphambi losuku lomshado ekhaya lakomakoti bazohlaba umkhwenyana anikezwe indlakudla ebese bahamba nomakoti nebhokisi lakhe lomshado ebese ubaba ka makoti ayamkhipha amnikeze umkhongi ukuba ahambe eseyo kwendela emzini (kwaMkhwenyane) bese uma sekuwusuku lomgcagco kuyiwa esigcawini umkhwenyana abhince ibheshu,imbatha ahlobe kanye nezimpelesi zakhe kanjalo nomakoti ubhinca isidwaba esikhandwe ngesikhumba senkomo ne mbatha kanye nesicholo.kuyaye kube khona ozobuza umthetho obizwa ngephoyisa asho kathathu ukuba ngabe umakoti uyamthanda na? uMkhwenyana ebese uMakoti esukuma ngeculo ukuthi uyavuma.

UKUBIKWA

hlela

Umakoti uyaye asukume avumise ingoma ephethe isicephu uma sekuqediwe kuhlalwa phansi kuthethwe idlozi macala wombili okuyicala lakwa Mkhwenyane naka Makoti kugiye kube mnandi ebese uma sekuqediwe umakoti uyaye abuyele ngaphakathi kwaMkhwenyana ahlale esbayeni elindele ukuzokwaba noma ukuzopha abase mzini izipho okuyi ngubo,icansi nomqamelo.[1]uma sekuqediwe umakoti ubese engena endlini yakwa gogo lapho kubikelwa khona idlozi athelwe ngenyongo bese kuyashiwa ukuthi ungomunye wabo ngalokho konke kusuke sekuphelele.

IZINKOMBA

hlela
  1. https://www.ulwaziprogramme.org/traditional-wedding-zulu-culture