Umhwebo

Inhlangano ehileleke kubuqhebeqhebe bezentengiselwano, bezimboni nobungcwepheshi

Umhwebo (noma umhibo okanye Ibhizinisi) umkhuba wokuziphilisa noma ukwenza imali ngokukhiqiza noma ukuthenga nokudayisa imikhiqizo ( njengezingudla nezinkonzo ). Ubuye ube yinoma yibuphi ubuqhebeqhebe noma umbhidlango owenzelwa imveza.

Ukuba negama lomhibo akuwuhlukanisi umhwebo kumniniyo, okusho ukuthi umnikazi womhwebo unesibopho nesimelo ngezikweletu zawo umhwebo. Uma umhwebo uzuza izikweletu, labo obakweletayo bangayishaqa impahla yomnikazi siqu. Isimiso sokukhokha intela semihwebo sihlukile kuleso semishumanqa. Uhlaka lomhibo alivumeli ukuba ukhokhe entela yomshumanqa. Umnikazi wawo uyena okuthathwa intela kuye siqu kuwo wonke umngeniso womhibo.

Leli bizo livame ukusetshenziswa nalapho kuchazwa inkampani, efana nomshumanqa noma umfelandawonye.

Imishumanqa, ngokungafani neziMnini munye nezabaLingani, ziyizinhlaka ezihlukile ngokomthetho futhi zihlinzeka ngezimelo ezilinganiselwe kubanikazi bazo noma amalunga azo, futhi kufanele ikhokhe intela yomshumanqa. Imishumanqa akukho lula futhi kuyabiza ukuyihlela, kodwana iphana ngokuvikeleka kanye nemivuzo kubanikazi/amalunga ayo.