Umshado Wesintu (Umgcagco)

Umgcagco, ngegama elijwayelekile singasho sithi ushado wesintu, isizwe saKwa-Zulu Natal asijwayele ukulibiza ngalo. Okuyilapho isoka lithatha ingoduso yalo ngokusemthethweni, asisho ukuthi umuntu wesilisa uyashada kepha uyagcagcelwa noma uyashadelwa. Umgcagco uhlelo olude futhi oludlayo ephaketheni, kodwa ngoba umuntu usuke uhlele kahle izinto zakhe kwenza kube lula kulaba ababili abasuke bezohlanganiswa ngokosiko futhi ngokusemthethweni njengoba phela ingoduso isuke iphuma kwisigaba sokuba ingoduso izoba manje umalokazane ngokuphelele.[1]

Umshado wesintu (Umgcagco)

Isiqalo sakho konke

hlela
 
Umakoti nomkhwenyane

Size sifinyelele lapho kuthiwa umfokabani uyagcagcelwa kusuke kuqalephi konke lokhu? Kuqala mhla laba ababili abasebudlelwaneni bezibona noma bezwa sengathi sebakulungele ukuthatha isigaba esilandelayo sempilo, ilapho isoka libona lo wesifazane elizwana naye ukuthi cha ukulungele ukuvusa umuzi wobabamkhulu bakhe. Ngemuva kokuxoxisana isoka nabakubo kwalo babhala incwadi ezothunyelwa kubo kwentombi phela bebacela usuku abazokwazi ukuthi bahlangane ngalo beyoqala izigxogxo zabo. Kuyothike lapho abakubo kwentombi sebevumele ngosuku bese bebuyisela impendulo, kuyobe sekuthi ngosuku okwavunyelwana ngalo, omalume bentombi bayobe phela belindele abantu bakulomuzi abangawazi, kanti ngapha abakubo kwesoka bayobe sebelibhekise kubo kwentombi lapho indodana yabo ibone khona imbali enhle. Abakhongi abazobe bezomela abakubo kwesoka basuke belindeleke ukuba bafike ekuseni kusempomdozankomo ukuze phela izigxogxo ziqala ngokushesha bezokwazi ukubuyela ekhaya nempendulo.[2]

Ekufikeni kwabo kwamele beziveze ukuthi bafikile ngokukhulela esangweni lakubo kwentombi. Omalume bazobe sebethumela umuntu ozoyobuza ukuthi ngabe laba abakhulekayo bawobani futhi bathunywe ngubani? Kuyothi lapho sebezichazile ilapho sebeyobe bevulelwa benginiswa endlini yangenhla lapho bezoqala khona izigxogxo zabo.[3]

Izinkomba

hlela
  1. https://www.news24.com/life/relationships/weddings/photos-inside-a-luxe-culturally-rooted-traditional-zulu-wedding-20231212
  2. https://www.sowetanlive.co.za/opinion/columnists/2019-08-30-big-question-today-is-do-we-or-dont-we-lobola-by-the-new-book/
  3. https://www.sabcnews.com/sabcnews/king-misuzulu-kazwelithini-begins-process-of-getting-married/