User:KevRobbZU /mysandbox

IBarraba (isiNgisi: Barraba) yidolobha eNew South Wales e-Ostreliya. Idolobha laliyikomkhulu yomasipala iBarraba Shire. Lo masipala uhlanganiswa emasipaleni weTamworth Regional Council ngo-2004.

IBarraba isendaweni esiBundarra-Barraba Important Bird Area. Le ndawo ilondoloza indawo yokuhlala yenyoni iRegent Honeyeater (Anthochaera phrygia).

IBarraba yisesifundeni iNew England. IBarraba yisebombo iNandewar Range. Idoloboha yisemgwaqo wezokuvakasha iFossickers Way. Umfula iManilla River ugobhoza eceleni kwedolobha.

IBarraba ingamakhilomitha angu-477 ukusuka eSydney nengamakilomitha angu-548 ukusuka eBrisbane. IBarraba ingamakhilomitha angu-90 ukusuka eTamworth. ITamworth yikomkhulu lomasipala weTamworth Regional Council.


IBarraba
Isizwe : I-Ostreliya
Isifunda : iNew South Wales
Umasipala : iTamworth Regional Council
Established : ngawo-1850
Ukuphakama ngaphezu kogu lolwandle : 500 m
Co-ordinates : 30°22′42″S 150°36′38″E
Inani labantu : 1.150 ngo-2011
iRegent Honeyeater (Anthochaera phrygia)

Umlando

hlela

AmaKamileroi (isiNgisi: Kamileroi noma Gamileraay) ahlala esifundeni phambili kokuba abelungu bafika.[1] Umlungu wokuqala esifundeni wayenguAllan Cunningham. Wafika lapho ngo-1827. Wayengumhloli wamazwe nosozimila.[2] Ipulazi lokuqala esifundeni (iBarraba Station) lamisiwa ngo-1837 noma ngo-1838.[1][3] Isiza esisedolobheni sahloliwa ngo-1852.[4]

Ukutholwa kwagolide kwasiziwa ukukhula kwedolobha.[4] Iposihhovisi lokqala lavuliwe ngo-1856[5] nesikole lokuqala lavuliwe ngo-1861.[1] Isonto laseSheshe lakhiwa ngo-1876[3] [3] nebhange lokuqala lavuliwe ngo-1876.[3] Ihhotela lokuqala (iCommercial Hotel) lakhiwa ngo-1878[3] nendlu yenkantolo lakhiwa ngo-1881.[3] IBarraba lamemezela idolobha ngo-1885.[3][4] Isibhedlela savuliwe ngo-1891[3] nesonto laseWesleyan lakhiwa ngo-1898.[3]

Iphephandaba ladolobha (iBarraba Gazette) laqala ukushicilelwa ngo-1901.[3] Isonto laseKatolika lakhiwa ngo-1906.[3] Isipolo saphethela eBarraba ngo-1908.[6] Isitimela sokugcina sahamba eBarraba ngo-1983 nesipolo savaliwe ngo-1987.[7] IConnors Creek Dam lakhiwa ngo-1933.[3] Leli damu lathuthukisa ukuhlinzeka kwamanzi kwedolobha.

Imboni yezimayini

hlela

Ithusi

hlela

Ithusi latholiwa eGulf Creek ngo-1889 nemayini yokuqala lamisiwa ngo-1892. IGulf Creek yidolobhana elisendaweni engamakhilomitha angu-22 ukusuka eBarraba. Iposihhovisi, ihhotela, nesikole akhiwa esidolobheni.[1] Le mayini yayiyimayini elikhulu kunalo lonke ethusi eNew South Wales ngo-1901 nedolobhana lalinabantu abangu-300.[8] Imayini yavaliwa ngawo-1930. Iposihhovisi lavaliwe ngo-1966.[5] Idolobhana lashiyiwa.

 
ithusi

I-asbestos

hlela

I-asbestos lanjiwa eWoodsreef kusukela ngo-1919 kuya ku-1983. IWoodsreef yidolobhana ingakhilomitha angu-15 ukusuka eBarraba. Imayini yandiswa ngo-1974. Imayini iveza amathani angu-500.000 we-asbestos elimhlophe.

Imayini ishiye amathani angu-75.000.000 amatshe nemathani angu-25.000.000 we-asbestos elimhlophe. I-asbestos ivala amahektare angu-43 ne-asbestos ingaphezu kwamamitha ku-70 (70 m).[9]

Umbiko elithelevishini wachasisa ngo-2008 inkathazeko ekhula ukuthi i-asbestos iyingozi engozini kubahlali.[10][9] I-Asbestos Diseases Foundation of Australia lafuna ukuthi imayini lifanele libuyisiwe. IFoundation lafuna ukuthi abantu abangangeni imayini. Umgwaqo womphakathi wawela imayini kuze kube ngu-2013. Idolobhana lashiyiwa.

IHunter New England Health Service lenza isifundo ngakubaluleka ezingozi empilo abahlali. Lesi sifundo sapheleliwe kodwa asikashicileliwe.[11]

Umhlaba wokudabuka

hlela

Imayini ohlaba wokudabuka lamisiwa ngo-1982.

 
Umhlaba wokudabuka

Amatashe aligugu

hlela

Abantu abangathola amapyrite, ama-garnet, ama-jasper, ijade nezeolite esifundeni. Iquartz elibomvu, iquartz elinsundu nequartz eliphuzi atholwa esifundeni. Abantu abangathola amathambo eliguquke itshe lapha.

Imboni yezolimo

hlela

Izincomo nezimvu zifuyiwa esifundeni. Ukolo uvuniwa esifundeni.

Iklayimethi

hlela

Ihlobo lishisa naliswakama. Ubusika bubanda nabumile. Inzinga lokushisa eliphezulu labikwa lalingu-41,3°C. Izinga lokushisa eliphansi labikwa lalingu-9,4°C ngaphansi kwezinga-qhwa (-9.4°C).

Imvula yomnyaka ivama ingamamilimitha angu-688,7 (668.7 mm). Imvula ephakeme isuku ebikwa ingamamilimitha ngu-194,3 (194.3 mm). Leyo mvula iwa ngomhla ka-25 ku-Februwari ngo-1955.[12]

Ukuhlinzeka kwamanzi

hlela

Abantu badolobha bakhipha amanzi eManilla River, eBarraba Creek, neConnors Creek Dam phambili kokuba ISplit Rock Dam lakhiwa ngo-1988.[13] Ipayipi amanzi kusukela leli damu kuya eBarraba lakhiwa ngo-2015. Abantu badolobha bakhipha amanzi epitsi uma leyo mitombo inciphisiwe.[14]


 
iSplit Rock Dam

Izithomba

hlela

Imithombo

hlela
  1. 1.0 1.1 1.2 1.3 "Barraba". Sydney Morning Herald Traveller. 13 November 2008. Kulandwe ngomhlaka 14 November 2011.
  2. "Barraba". Visit Tamworth. Tamworth Regional Council. Kulandwe ngomhlaka 14 November 2011.
  3. 3.00 3.01 3.02 3.03 3.04 3.05 3.06 3.07 3.08 3.09 3.10 3.11 "Barraba Dateline". Barraba NSW – The Community Website. Archived from the original on 17a de Marto 2012. Kulandwe ngomhlaka 14a de Novembro 2011. Check date values in: |accessdate=, |archivedate= (help)
  4. 4.0 4.1 4.2 Boileau, Joanna (Februaro 2007). "Thematic History of Nundle, Manilla and Barraba". Tamworth Regional Council. pp. 124–125. Kulandwe ngomhlaka 14a de Novembro 2011. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)
  5. 5.0 5.1 "Post Office History". Post Office List – NSW. Premier Postal Auctions. Kulandwe ngomhlaka 14 November 2011.
  6. "THE BARRABA RAILWAY". The Sydney Morning Herald. National Library of Australia. 22 September 1908. p. 7. Kulandwe ngomhlaka 15 November 2011.
  7. Bozier, Rolfe. "Barraba Branch". NSWrail.net. Kulandwe ngomhlaka 15 November 2011.
  8. "MINING IN NEW SOUTH WALES". The Sydney Morning Herald. National Library of Australia. 29a de Julio 1901. p. 8. Kulandwe ngomhlaka 15a de Novembro 2011. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)
  9. 9.0 9.1 Woodsreef Asbestos Mine Site Rehabilitation Private Members Statement, 29 August 2008. Archived 3a de Aprilo, 2011, at the Wayback Machine.
  10. Abandoned asbestos mine causes community outrage
  11. Woodsreef health report under wraps Archived 6a de Julio, 2011, at the Wayback Machine.
  12. "Basic Climatological Station Metadata – Barraba Post Office" (PDF). Bureau of Meteorology. Kulandwe ngomhlaka 16a de Novembro 2011. Check date values in: |accessdate= (help)
  13. Barraba Water Supply Archived 28a de Junio, 2011, at the Wayback Machine.
  14. Barraba's water supply critical

Izixhumanisi zangaphandle

hlela

Category:Amadolobha e-Ostreliya