Usuku lwabesifazane

Usuku Lwabesifazane yiHolide Lomphakathi laseNingizimu Afrika eligujwa minyaka yonke mhla ziyisi-9 uNcwaba minyaka yonke. Ngalolu suku izwe lonke lisuke libungaza ubuqhawe abathathwa ngabesifazane abayi-20 000 bemashela eUnion Buildings ePitoli behambisa izikhalo zabo mayelana noMthetho wamapasi. Lomthetho wawudinga ukuba ama-Afrika njengoba babe baziwa "ngabamnyama" ngaphansi komthetho wobadlululo owabe waziwa nge-Population Registration Act ukuba bapathe amapasi okuhamba, ayaiziwa njengama pasi ayelawula ukuba khona kwama-Afrika emadolobheni, ukugcina uqhekeko, kanye nokulawula abasenzi bangaphandle ngesikhathi sobandlululo [1]. Lolu suku lwaqala ukugujwa ngonyaka we-1994 mhla ziyisi-9 uNcwaba lwafakwa kuMthetho wamaHolide Omphakathi (wama-36 wangonyaka wama-1994). Ngalolulu suku abesifazane bemashela khona eUnion Buildings babebiza isiqubulo esithi ‘Strijdom, wathint' abafazi wathint' imbokodo.

Ukubaluleka Kwaleliholide hlela

NgoSuku Lwabesifazane kubhekwa izimo abantu besifazane baseNingizimu Afrika abasabhekene nazo, okubalwa Ukuhlukunyezwa emakhaya, ukuhlunyezwa ngokucansi emsebenzini, amaholo angalingani, imfundo yamantombazane ayo yonke iminyaka. Lolu suku kuba yithuba lapho kubehkwa khona futhi kuphinde kuphoswe inselelo kulezi zinkinga abantu besifazane abasahlangabezana nazo [2]. Kulolu suku kubuye kubhekwe ibanga eselihanjiwe ekuthuthukiseni abantu besefazane kusukela ngonyaka we-1994, ngaphambi konyaka we-1994 abesifazane ephalamende babe-2,7% manje bangama-48% ezikhundleni eziphezulu kuHulumeni [3].

Imithombo hlela

  1. "2016 Women's Day South Africa | South African Public Holidays Cape Town". Archived from the original on 17 October 2016. Kulandwe ngomhlaka 29 October 2016.
  2. "Why celebrate Women's Day in South Africa? – Nikki Bush". nikkibush.com. Archived from the original on 30 October 2016. Kulandwe ngomhlaka 29 October 2016.
  3. "Women's Month | South African Government". www.gov.za. Kulandwe ngomhlaka 2016-10-29.