Utolika welimi lwezandla waseNingizimu Africa
Utolika welimi lwezandla umuntu oqeqeshelwe ukuhumushela abantu abakhuluma ngolimi lwezandla nalabo abakwaziyo ukukhuluma. Batolika ukusuka kulimi lwezandla ukuya kulimi olukhulunywayo, Balekelela ingxoxo phakathi kwabantu abayizithulu nabantu abakhulumayo.
Otolika belimi lwezandla basebenza ezindaweni nasezimweni ezihlukahlekene njenge Mfundo ngokwesibonelo ezikoleni, imfundo ephakeme, enkantolo, kwimibuthwano yamabizinisi, imihlangano ehlukene nezindawo ezihlukene zenkolo.
Umthwalo wabo wemfanelo ngokuyinhloko ukuqinisekisa ukuthi ingxoxo phakathi kwabantu abezwayo nazithulu ihamba kahle ngaphandle kwezithikamezo.