340ml
i340ml yiqembu lomculo elidabuka eMaputo, ezweni lase Mozambique, neselizinze eGoli, eNingizimu Afrika. Babuye badlaliswe ngelokuthi "Jozambican". Bacula izinhlobo eziningi zomculo, kubalwa kuzo iJazz, Dub, Ska, Afro-jazz kanye neReggae.[1][2][3] Lokho kwenza kube nzima kakhulu ukuqondanisa leliqembu nohlobo olulodwa lomculo ngoba indlela elenza ngayo ayijwayelekile neze. Indlela abacula ngayo iye ichazwe njengepholile futhi enomuzwa wase Afrikha. Ibuye futhi inongwe kakhulu ngezithako zomculo wase Latin, bese kuthayiselwa kancane ngomculo we Marrabenta. uJean Barker (umgxeki womculo wakwa "Chanel24.co.za") lomculo wabo uye awuchaze ngokuthi "uzwakala kangcono kunomsindo wokuvuleka kukabhiya elangeni elishisayo."[1][2][3]
340ml | |
---|---|
Umdabu |
IMaputo, IMozambikhi Now based in IGoli, iRiphabliki yaseNingizimu Afrika |
Izinhlobo | Experimental Tropical Pop, Dub, Alternative |
Isikhathi | 2000 – present |
Amaqembu |
Sheer Sound 340ml Music Arame Farpado |
Amaviyo |
Tumi Molekane Tumi & The Volume |
Members | |
Paulo Jorge Chibanga (Drums) Rui Soeiro (Bass) Tiago Correia-Paulo (Guitar) Pedro Pinto (Vocals and Melodica) |