Duma Ndlovu

umqophi wamafilimu nombhali

UDuma Ndlovu (owazalwa ngezi-12 kuMfumfu ngonyaka ka-1954) imbongi, umqophi wamafilimu, i-producer, intatheli kanye nombhali wemidlalo yeshashalazi waseNingizimu Afrika.[1] Waziwa kakhulu kwimboni yezakumabonakude eNingizimu Afrika,[2] ngokusungula izinhlelo ezihamba phambili kanjenge Muvhango, Imbewu: The Seed kanye no-Uzalo.[3] Phakathi kuka 1996 no 2004 wayengusihlalo we South African Music Awards.[4]

Duma Ndlovu
Ubezalwa Duma Ndlovu
(1954-10-12) 12 ngoMfumfu 1954 (Iminyaka 69)
Soweto, Gauteng, eNingizimu Afrika
Ubuzwe South African
Education Sekano Ntoane High School
Alma mater Hunter College
Occupation
  • Umkhiqizi
  • Umqondisi
  • Umbhali
  • Imbongi
  • Intatheli
Years active 1992–manje

Ukukhula hlela

UDuma Ndlovu ungumZulu, futhi wazalelwa eSoweto, eGoli; kodwa omkhulu nokhokho bakhe base Bergville, kwaZulu Natali.[5][6] Wafunda e-Sekano Ntoane High School ese Senaoane.[7]


Ngemuva kokuqeda isikole, waqala wabhalela iphephandaba okuthiwa i-The World.[8] Wabe esesungula i-Medupe Writers Association, iqembu elaligqugquzela intsha emnyama ukuba ithande ukuba ngababhali. Waba ngumongameli walenhlangano kwaze kwaba nguyaka ka 1977 ngesikhathi uhulumeni wobandlululo elidingisa leliqembu ngenxa yokuzibandakanya nenqubekela phambili yabantu abamnyama kanye nokubhikishela ukuphela kwobandlululo.[9][10]

Ngemuva kokuba uNdlovu namalunga e-Medupe Writers Association amaningi adingiswe nguhulumeni wobandlululo, wayishiya INingizimu Afrika waya eMelika ukuvimba ukuboshwa nguhulumeni wobandlululo.[11] EMelika wakwazi ukufunda aze aqede i-master's degree e-Hunter College edolobheni elikhulu i-New York.[12]


Ngonyaka ka-1985, uNdlovu wasungula iWoza Afrika Foundation ukuze azonikeza abalingisi nabalingisikazi abancane, abamnyama futhi abasakhula ithuba lokuphumelelisa amaphupho abo nokuqoqa iminikelo yokuxhasa ubuciko baseNingizimu Afrika bonkana.[13] Waphinde wafundisa i-African-American literature nomculo e-State University of New York e-Stony Brook.[14]

Umsebenzi hlela

Ngonyaka ka 1992 uDuma Ndlovu wabuyela eNingizimu Afrika, wasungula i-Word Of Mouth Productions, ukusebenza ngomculo, ishashalazi kanye nokuqopha ezikamabonakude. Lemboni yaba yimpumelelo enkulu kwathi emuva kweminyaka embalwa yaqokwa njengeyona mboni eNingizimu Afrika emelwe ukuqoka abalingisi bomdlalo wase-Broadway, i-Disney's The Lion King.

Imithombo hlela

  1. "Duma Ndlovu Directs at the State Theatre". artlink. 16 July 2007. Archived from the original on 11 April 2021. Kulandwe ngomhlaka 17 January 2020.
  2. "Uzalo might stop showing on TVs". mzansi2day.blogspot. 3 May 2016. Kulandwe ngomhlaka 15 January 2020.
  3. "Duma – Ndlovu". m.imdb.com. Archived from the original on 11 April 2021. Kulandwe ngomhlaka 17 January 2020.
  4. "South African Music Awards 2004". brandsouthafrica. 1 June 2004. Kulandwe ngomhlaka 16 January 2020.[dead link]
  5. "The Playhouse Company Duma Ndlovus The Game for Playhouse Company Festive season". kzntopbusiness. 10 November 2016. Kulandwe ngomhlaka 13 January 2020.
  6. "Arts news from KwaZulu-Natal". artsmart. Kulandwe ngomhlaka 16 January 2020.[dead link]
  7. "Duma — Ndlovu". bigsta.net. Kulandwe ngomhlaka 16 January 2020.[dead link]
  8. "Duma ndlovu theatre credits—Early work". broadwayworld. Kulandwe ngomhlaka 17 January 2020.
  9. "Author Tlali's a life well lived". pressreader. 23 November 2013. Kulandwe ngomhlaka 17 January 2020.
  10. "Medupe Writers Association". bushradio.wordpress. 18 October 2017. Kulandwe ngomhlaka 16 January 2020.[dead link]
  11. "South African Youth Revolutionary Council". sahistory.org.za. 23 May 2012. Kulandwe ngomhlaka 14 January 2020.
  12. "The 2015 John Langalibalele Dube Memorial Lecture". cihablog.com. 24 September 2015. Kulandwe ngomhlaka 13 January 2020.[dead link]
  13. "Stage from South Africa "Boha"". nytimes.com. 19 September 1986. Kulandwe ngomhlaka 17 January 2020.
  14. "A Contended Space: The Theatre Gibson Mtukuzeli". academia.edu. Kulandwe ngomhlaka 15 January 2020.