Dkt Isaac Sibusiso Kubheka (*3 kuNdasa 1933 - † 28 kuLwezi 2010) wabe eyiqweqwe likathishanhloko abuye ngumbhali wamanoveli esiZulu. UKubheka wabe enguthishanhloko esikoleni samabanga aphakeme eselokishini laseMlazi eVukuzakhe High School lapho aba begalelo elokhulu ekuthuthukiseni imfundo yabantu abamnyama. UKhathide nagaphandle kokuba ngithishanhloko wnegalelo futhi ekuthikiseni ukubhala izindaba ngolimi lwesiZulu. Ungumbhali wamanoveli amathathu okubalwa kuwo,Kungavuka Abanguni, Ulaka Lwabanguni kanye nethi Umthathe Uzala Umlotha wonke lamanoveli aqukethe izindikimba ezifanyo.

I.S. Kubheka
Ubezalwa ngoNdasa 3, 1933(1933-03-03)
Mnambithi, KwaZulu Natali
Ubefa ngoLwezi 28, 2010(2010-11-28) (iminyaka ama-77)
Umlazi, EThekwini
Umsebenzi Uthishanhloko, umlobi
Isizwe UmNingizimu Afrika
Subjects Imfundo
Imikhiqizo Kungavuka Abanguni (1980)
Ulaka Lwabanguni (1980)
Umthathe Uzala Umlotha (1993)

Impilo yobusha nemfundo hlela

UKhathide wazelwa endaweni esemaphandleni eMnambithi ngonyaka we-1933 mhla zi-3 kuNdasa. imfundo yakhe yamabanga aphakeme wayithola Pholela High School, isikole esisendaweni yaseBulwer, ePietermaritzburg. Emva kokuphothula umatikuletsheni waya kofunda izifundo ze-BA kwisiZulu kanyenoMlando eNyuvesi yaseFort Hare. Waqhubeka nokufunda okwathi ngonyaka we-1961 wahlabana ne-honors ezifundweni ze-BA eNyuvesi yaseNatali. Akamanga lapho nezifundo zakhe waqhubeka wazwe wathola i-MA khina futhi eNyuvesi yaseNatali.

Umsebenzi hlela

Kwathi ngonyaka we-1956 uKubheka waqala umsebenzi wakhe wezobuthisha ngenjomsizi kathisha esikoleni samabanga aphakeme esesavlwa i-Loram Secondary School [1] .

Imisebenzi hlela

UKathide wabhala waphinde amanoveli amathathu ashcilws yinkampnai eshicilelayo ePietermaritzburg kwa-Shuter and Shooter. Lamnoveli womathathu aqukethe indikimba efanayo ehamba pahambili okuyimfundo.

Ukudlula emhlabeni hlela

Ukubheka wadlula emhla zi-28 kuLwezi we-2010 esibhedlela i-Kingsway emva kokugula isikhathi eside. Inkozo yakhe womngcwabo yabenjelwa esontweni lamaWeseli kwa-V eMlazi.

Imithombo hlela

  1. Ndwandwe, Simphiwe (3 kuZibandlela, 2010). "UKubheka Uchazwe Njengeqhawe". Isolezwe. Check date values in: |date= (help); |access-date= requires |url= (help)