IBangacuphi

ibanga umumo wamaza oziphinda ngalo

Kumchazandalo, ibangacuphi lingubude obakhiwa ibanga lamaza lapho ephinda ukuvingqoza. Liyibanga eliphakathi kwamachopho amabili alungene nalandelanayo esigaba esifanayo samaza, njengasezilubeni ezimalumbe, imikhombe, noma izanhlukano-nguqu, futhi liyinkondolo kokubili yamaza akhenkethayo namaza amileyo, kanye nezinye izifanelo ezenziwa amaza. Ukugusha kwebangacuphi kubizwa ngokuthi umjingo wendawo. Ibangacuphi livame ukuboniswa ngohlamvu lwesiGriki olubizwa lambda (λ).

IBangacuphi lamaza khwecile, λ, lingalinganiswa phakathi kwanoma yimaphi amachopho amabili anesigaba esifanayo, afana naphakathi kweziluba (phezulu), noma imikhombe (phansi), noma izanhlukano-nguqu ezihambisanayo njengoba kubonisiwe.