IBima

inhlwa yevanga enophawu Bi nenani lobuchwe elingama-83

Bismuth_crystals_and_1cm3_cube

IBima liyinhlwa yevanga enophawu u- Bi nenani lobuchwe elingama-83. Liyinkimbi yangemva koshintsho kanye nenye ye-pnictogens, enezakhi zesiqa ezifana nezelamani zayo isAsumu neSibidani eqenjini elincane le-15.. IBima eyinhlwa itholakala ngokwemvelo, futhi izimo zayo zeSibabuli nentuhla zakha amadwalambi abalulekile wokuhweba. Lenhlaka ekhululekile ingama-86 ekhulwini ogqinsi njengomthofu . Iyinkimbi ephukayo enombala omhlophe-sabucwebe uma isanda kukhiqizwa. Ukuthuhleka kobuso ngokuvamile kunika amasangulo alenkimbi umbala usabomvu.