INswelandeni

isiphili esinengqamuzana elilodwa eliswele indeni

INswelandeni yisiphili esinengqamuzana elilodwa nesiswele indeni kanye nezinye izithokazane zolwelwesi. Esimisweni sombuso ohlukene kabili ngokwencazelo ka- Édouard Chatton, izinswelandeni zazijinjwa ngaphakathi kombuso owodwa. Kodwana esimisweni sesidlangala esihlukene kathathu, esisekwe esihlaziyweni semizwayi, izinswelandeni zihlukaniswe zaba izidlangala ezimbili: Izinungwana kanye nezingunazana. Iziphili ezinendeni zibekwa esidlangaleni sesithathu, iMvelendeni. Izinswelandeni zavela kuqala kunezimvelendeni.

Umdwebo wengqamuzana elivamile lenswelandeni.