IPhicamvelo

igatsha lenjulalwazi emayelana nesimo sengempela

Philosophers

IPhicamvelo igatsha lenjulalwazi lokufunda isimo esiyisisekelo sengempela, izimiso zokuqala zobukhona, ubuhlonzi noshintsho, umkhathi nesikhathi, imbangela, indingeko, kanye nokuNgenzeka. Lihlanganisa imibuzo emayelana nesimo sempaphamo kanye nobudlelwano phakathi kwengqondo noTho, phakathi kwesiqakatho nesithonga, naphakathi kokungase nokoqobo . [1] Igama elithi "iPhicamvelo" livela emagameni amabili esiZulu, lapho ehlangene, ngokwezwi nezwi asho "okuphica noma okungaqondwa abantu noma imvelo, Izinto ezibonakala ziphica abantu lapho bezama ukuziqonda, okungale kwemicabango engokwemvelo, okukwelinye izinga".

iPhicamvelo licwaninga imibuzo ehlobene nokuthi kuyini ukuba okuthile kube khona nokuthi yiziphi izinhlobo zobukhona ezikhona. Iphicamvelo lifuna ukuphendula, ngendlela engaqondakali nejwayeleke ngokugcwele, imibuzo ethi:

  • Yini ekhona
  • iNjani leyonto

Izihloko zophenyo lwephicamvelo zihlanganisa ubukhona, izinto kanye nezakhi zazo, umkhathi nesikhathi, imbangela nomphumela kanye nokungenzeka . iPhicamvelo lithathwa njengelinye lamagatsha amane ayinhloko enjulalwazi kanye nomChazalwazi, umhluzangqondo, kanye nezemicondozo .

  1. "metaphysics". metaphysics. https://www.thefreedictionary.com/metaphysics. Retrieved 24 November 2018.