ISilo Zwelethini Goodwill kaBhekuzulu

iSilo samabandla kusuka ngonyaka we-1968 kufika kuwezi-2021

ISilo Goodwill Zwelithini Mbongiziyozwa kaBhekuzulu (27 July 1948 - 12 March 2021)[1] wayeyiSilo sesizwe samaZulu kusukela ngonyaka ka-1968 kwaze kwaba sekhothameni kwakhe ngonyaka ka-2021. ISilo sabe sizalwa iNdlovukazi uThomo Ndwandwe neSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon. ISilo sakhulela esigodlweni sikayise kwaDlamahlahla, kwaNongoma.

ISilo Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu Zulu
ISilo Samabandla Onke

Zwelithini in 2011
Reign 17 September 1968 – 12 March 2021
Coronation 3 December 1971
Predecessor Cyprian Bhekuzulu kaSolomon
Successor Misuzulu Sinqobile Zulu
Issue
Full name
King Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu
Father King Cyprian Bhekuzulu kaSolomon
Mother Queen Thomozile Jezangani kaNdwandwe
Born 27 ngoNtulikazi 1948(1948-07-27)
Nongoma, Natal, Union of South Africa
Died 12 ngoNdasa 2021(2021-03-12) (iminyaka ama-72)
Durban, South Africa

ISilo uZwelithini waba iNgonyama yesizwe samaZulu ngemuva kokukhothama kukayise, iSilo

uCyprian Bhekuzulu, ngo-1968 eneminyaka enguma-20. ISilo uBhekuzulu sakhothama uMntwana uZwelithini esemcane. INkosana U-Israel Mcwayizeni wangena njengebamba bukhosi kusukela ngo-1968 kuya ku-1971 ngenkathi uMntwana uZwelithini ephila kuyisekazi esifundazweni saseTranskai egwema ukubulawa kwaZulu.   Ngemuva kokugubha usuku lwakhe lokuzalwa eneminyaka engama-21, uZwelithini wabe esemiswa njengeSilo sesishiyagalombili sesizwe samaZulu emcimbini wesiko owawukwaNongoma ngo-3 kuZibandlela 1971, lapha okwaba khona abantu abalinganiselwa kwizinkulungwane ezi-20,000. ISilo uZwelithini sabe sesikhothamba ngomhlaka-12 March 2021, eneminyaka engu-72, ngemuva kokuthi kubikwe ukuthi walaliswa esibhedlela ngenxa yokugula okuhlobene nesifo sikashukela.[2] [3]Ngesikhathi sokulungiselela ukutshalwa kweSilo, owayenguNdunankulu wesizwe, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, wabe esememezela ukuthi iNgonyama yabe ihlonzwe ukuthi yayixinwe -COVID-19.[4]

Indima yeSilo kwezombusazwe hlela

Ngokuvuleka kwesikhala ngenxa yobondlululo ngonyaka wezi-1990, iSilo sabe silokhu sidonswe njalo sidonselwa kwezombangazwe. Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) elinamalunga angamaZulu kakhulu laphikisana nezingxenye zomthethosisekelo omusha ezazikhuthazwa yi-African National Congress (ANC) maqondana nokubuswa kwaKwaZulu. Ikakhulukazi, i-IFP yakhankasela ukuzimela kweSilo samaZulu. Ngenxa yalokho, i-IFP yakunqaba ukuba ingxenye yamaqembu ayezongenela ukhetho lonyaka ka-1994 kwaze kwaba iSilo siyafakwa emthethweni sisekelo omusha ngaphansi kwentando yeningi. UMandela nomongameli uDe Klerk bahlela umhlangano okhethekile lapho kwavunyelwana khona ukuthi abalamuli bamazwe omhlaba bazobizwa bazame ukuxazulula inkinga yeSilo. Ngenxa yalokho, i-IFP yabhaliswa okhethweni. Yabonisa amandla ayo ezombusazwe ngokuthatha iningi lamavoti esifundazweni saKwaZulu-Natal kulolo khetho.

Nakuba umthetho-sisekelo wenza iqhaza leSilo libe ngukuhlonishwa, kepha kungumthwalo waso iSilo ukuthatha izinyathelo ngezwe ngeseluleko sikaNdunankulu wesifundazwe (Premier). Ngesinye isikhathi, owayenguMongameli waseNingizimu Afrika UNelson Mandela wenza imizamo yokweqa iqembu le-IFP elaliphethe isifundazwe ekuxoxisaneni neSilo samaZulu, esikhundleni sokwenza izicelo eziqondile kwiSilo (indodakazi kaMandela, UZeni, ishadele iNkosana Thumbumuzi Dlamini, umfowabo weNdlovukazi yeSilo uZwelithini, INdlovukazi Mantfombi).[5]Noma kunjalo, i-IFP yahlala ibusa kulesi sifundazwe kwaze kwaba ngo-2003.

Ekubuseni kweSilo uBhusha neSilo uZwelithini, uMntwana Mangosuthu Buthelezi, iNkosana yaseKwaPhindangene, yabanguNdunankulu wesizwe samaZulu. Kodwa, ngo-September 1994, ukungezwani phakathi kweSilo noMntwana wakwaPhindangene kwafinyelela kuvuthondaba emkhosini waminyaka yonke wokugubha ukukhothama kweLembe.

Ngokulandelayo, umkhulumeli weSilo, uMntana Sifiso Zulu, wayexoxisana nabakamabonakube lapho uButhelezi nonogada bakhe baphazamisa uhlelo ngenkani, besabisa uMntwana uSifiso. Lesi sigameko sasitholakala kuthelevishini futhi sadonsa ukunakwa kuzwelonke kanye nokusolwa komphakathi, okwenza ukuthi uButhelezi axolise emndenini wasebukhosini bakwaZulu, kwikhabhinethi nasesizweni sonkana ngokuziphatha kwakhe.[6] Ukuzwana phakathi kweSilo uZwelithini noMntwana uButhelezi ngokuhamba kwesikhathi babesebubangcono.

ISilo uZwelithini sabambisana njengoba umthetho udinga ne-ANC selokhu yathatha izintambo zikahulumeni kwaKwaZulu-Natal. Izimali zeNkosi zilawulwa iziphathimandla zesifundazwe saseKwaZulu-Natal.

Njengenkosi engokomthetho KwaZulu-Natal, wayeyinhloko yobukhosi, isikhungo esiqashelwa nguHulumeni i-Traditional Leadership esakhiwa ngamakhosi ezindawo. Isihlalo sakhe yokuhola sahlanganisa nokwengamela i-Usuthu Tribal Authority kanye ne-Nongoma Regional Authority, zombili ezasungulwa ngaphansi kwezimiso ze-KwaZulu Amakhosi ne-Iziphakanyiswa Act. Enkulumweni yakhe lapho kuvulwa iPhalamende Lesifundazwe ngo-28 September 2003, iSilo seluleka uhulumeni kanye nabashayi-mthetho ukuba banikeze ukunakekela okwengeziwe kubukhosi:

"Abaholi bendabuko isikhathi esiningi akuxoxwa nabo uma kwakhiwa izinqubomgomo ezihlobene nokwenza umsebenzi wabo wansuku zonke. Isisekelo sobukhosi besilokhu sikhona kusukela esikhathini esingaziwa futhi sisinde ezinhluphekweni eziningi ngaphansi kwemibuso yamakoloni yangaphambilini. Ngokombono kwezakhamuzi, liselikhulu kakhulu iqhaza elibanjwe ekwakheni ubumbano emphakathini lapho abantu behlala khona. Ngakho-ke nanoma yimuphi umqondo wokuthi ukusungulwa kobukhosi, manje njengoba sinohulumeni wentando yeningi, akuqedwe ngabo kuyichilo. Amanye amazwe angaphandle kwemingcele yethu ayenqume ukuqeda ukusungulwa kobuholi bendabuko ngokushesha ngemuva kokuthola inkululeko kumbuso wabacindezeli. Kodwa-ke, kusukela lapho baye baqaphela ukuthi benza amaphutha amakhulu futhi manje base besungula kabusha lezi zikhungo ngezindleko ezinkulu. NjengeNkosi yeSizwe samaZulu Ngiyaziqhenya ngendima edlalwe nguNdunankulu weSizwe samaZulu, iNkosana yaKwaPhindangene, uDkt. MG Buthelezi owayekade esekela yedwa inhloso ukungaqedwa kwamakhosi kanye nezikhungo zawo."[7]

Iqhaza leSilo kwezamasiko hlela

INkosi yayiyisihlalo we-I-Ingonyama Trust, inhlangano eyasungulwa ukuqondisa izwe elingokwesiko lenkosi ngenzuzo, inhlalakahle yezinto ezibonakalayo nenhlalakahle yezenhlalo yesizwe samaZulu. Le ndawo iqukethe u-32% wendawo yaseKwaZulu / Natal.

Njengomvuseleli wemikhosi yamasiko esizweni samaZulu, iSilo savuselela uMkhosi woMhlanga owawusunesikhathi ungasenzeki. Inhloso yalo mkhosi kwakuwukugqugquzela ukuziphatha kahle ezintombini nokufundisa ngegciwane leNgculazi emantombazaneni esizwe samaZulu. [8] ISilo saphinde savuselela eminye imikhosi njengoMkhosi wokweshwama noMkhosi wokugubha usuku lweLembe.[8]

ISilo saphinde sahambela amazwe amaningi aphesheya kwezilwandle sihamba sigqugquzela ezokuvakasha nezokuhwebelana

NgoJuni ngonyaka ka-1994, I-University of Zululand yahlonipha iSilo ngeziqu zobudokotela (Honorary Doctorate) kwezolimo. Kuso lesi sikhathi iSilo sabe singuShansela wegatsha laseNingizimu Afrika le-I-Newport University yaseMelika.[9] NgoMashi ngonyaka ka-1999 i-Coker College yaseNingizimu Carolina yamhlonipha ngeziqu zobudokotela (Honorary Doctorate) wezomthetho. Phakathi nengxenye yokuqala konyaka ka-2001 wabekwa njengoChancellor we-UM Sultan Technikon eKwaZulu-Natal.[10] Ngonyaka ka-2018 iSilo uMdlokombane saphinde sahlonishwa iNyuvesi yakwaZulu (University of Zululand) ngeziqu zobudokotela kwezobunhlalakahle (Honorary Doctorate Social Work (honoris causa).[11]

Umlando ngempilo yeSilo owashicilelwa owawusihloko sithi, King of Goodwill[12], lo mlando washicilelwa ngonyaka ka-2003. Umdlalo womculo walomsebenzi wadlala eMarket Theatre, eGoli ngosuku langomhlaka16 March 2005.[13]

ISilo sake samenywa sayokhuluma eSontweni Lesinagoge edolobheni eLagos, ezweni laseNigeria, ngonyaka ka-2004 maqondana nokubaluleka kwezohwebo nokuthula.[14]

Ukubandakanyeka kweSilo kwizimpikiswano hlela

NgoJanuwari 2012, ngenkathi ekhuluma emcimbini wokukhumbula iminyaka engu-133 kwalwa iMpi yase-Isandlwana, iSilo sathula inkulumo neyabangela inkulumo mpikiswano ngenkulumo yakhe yokuthi ubudlelwano bobulili obufanayo "bubolile". Izitatimende zeSilo zabe sezihoxiswa yi-South African Human Rights Commission kanye nAmaqembu amalungelo e-LGBT.[15] UMongameli uJacob Zuma wasola inkosi ngamazwi akhe. I-Zulu Royal Household kamuva yathi amazwi eSilo ayehunyushwe kabi nokuthi akazange abugxeke ubudlelwano bobulili obufanayo, waveza ukukhathazeka kuphela ngesimo sokwehla kokuziphatha eNingizimu Afrika esiholele ekuhlukunyezweni kobulili, okufaka phakathi ukuhlukunyezwa kowesilisa.[16]

Ngo-September 2012, iSilo Goodwill Zwelithini wacela uHulumeni waKwaZulu-Natal izigidi ezingu-R18 zokwakha indawo entsha, kufaka phakathi isigodlo esisha sezigidi ezingu- R6 somkakhe omncane kunabo bonke iNdlunkulu ukaMafu kanye nokuthuthukiswa kwesigodlo seNdlovukazi uMaMchiza.[17][18] I-CFO yomnyango wasebukhosini, uMduduzi Mthembu, watshela ikomiti lephalamende ukuthi imali yayidingeka. Umnyango waphinde wacela ama-dollar ayizigidi ezingu-1.4 ukuze kuthuthukiswe isigodlo seNdlovukazi uMaMchiza.[19] UHulumeni kakade wayesehlele imali engaba ngu- $ 6.9 million USD emndenini wasebukhosini phakathi no-2012, kungekhona okokuqala okwenza kube nokumangalelwa kokusebenzisa imali eningi; ngo-2008, amaqembu aphikisayo agxeka amakhosikazi eSilo uZwelithini ngokuchitha cishe u- $ 24,000 USD endwangwini, izingubo zokuklama, namaholide abizayo.[3][19]

Ekhuluma emhlanganweni womphakathi kaMasipala Wendawo wayePhongolo ngoMashi 2015, iSilo uZwelithini savuma ukuthi ngenkathi ezinye izizwe zihlanganyele emizamweni eyaholela ekukhululweni kweNingizimu Afrika, lokho akufanele kubhekwe njengezaba zokuthi abantu bakwamanye amazwe babangele ukungakhululeki ezweni manje ngokuncintisana nabantu bendawo ngamathuba amancane ezomnotho.[20] Ngokuphikisa ukuthi wayekhululekile ukusho ukuthi abaholi bezombusazwe babengebona, wacela ukuthi abantu bakwamanye amazwe babuyele emazweni abo ngoba izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezihlala kwamanye amazwe azizange ziqhubeke nokuvula amabhizinisi emazweni ahlangene nazoo.[21] Lokhu kuphawula kwenziwa ngesikhathi sokukhathazeka okukhulayo phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika nabasuka emazweni angaphandle, ubudlova babukeka ngesikhathi kuqubuka eSoweto ngoJanuwari futhi basakazekela eKwaZulu-Natal, okwaholela ekufeni okuthathu.[22] Umkhulumeli we-Democratic Alliance wagxeka amazwi ngokuthi "ayenganambitheki kakhulu", ngenkathi isikhulu se-SAHRC siwabiza ngokuthi ama-anokucwasa ngokobuhlanga ngenxa yokuhlaselwa kwabantu bakwamanye amazwe.[23]

ONdlunkulu kanye nabaNtwana hlela

ISilo uGudwill Zwelithini sabe sinamakhosikazi ayisithupha nezingane ezingaba ngu-40.[24] Lezi zihlanganisa

  1. UNdlunkulu uMaDlamini wasesigodlweni sakwa-Khethomthandayo, kwaNongoma. Washada neSilo ngomhlaka 27 December 1969 e-St Margaret's Church, KwaNongoma.[25]
    1. UMntwana Lethukuthula Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Sibongile MaDlamini), wazalwa ngonyaka ka-1970 - wadlula emhlabeni ngonyaka ka-2020.[26]
    2. UMntwana Nombuso Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Sibongile MaDlamini), yena wazalwa ngonyaka ka-1973.
    3. UMntwana Ntombizosuthu kaZwelithini Duma (ozalwa nguNdlunkulu Sibongile MaDlamini), wazalwa ngonyaka ka-1979.
    4. UMntwana Ntandoyenkosi kaZwelithini Ngcaweni (ozalwa nguNdlunkulu Sibongile MaDlamini), yena wazalwa ngonyaka ka-1982.
    5. UMntwana Sinethemba Bati Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Sibongile Dlamini), owazalwa ngonyaka ka-1989.
  2. UNdlunkulu Buhle KaMathe wasesigodlweni kwa-Dlamahlahla, kwaNongoma. UNdlunkulu ukaMathe wagcagcela iSIlo ngonyaka ka-1974 base bebusiswa ngabaMntwana abayisishiyagalombili.
    1. UMntwana Sibusile Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Buhle KaMathe), wazalwa mhlaka 9 kuMandulo ngonyaka ka-1971.
    2. UMntwana Nandi Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Buhle KaMathe), wazalwa mhlaka 30 kuNhlaba 1977.
    3. UMntwana Phumuzuzulu (ozalwa nguNdlunkulu Buhle KaMathe). Owazalwa mhlaka 24 kuNdasa 1975
    4. UMntwana Nhlanganiso Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Buhle KaMathe). Owazalwa mhlaka 10 kuMfumfu ngo-1973
    5. UMntwana Buzabazi. Owazalwa mhlaka 3 kuNdasa ngo-1980.
    6. UMntwana Buthobesizwe Zulu wazalwa mhlaka 26 kuLwezi 1978.
    7. UMntwana Khonzinkosi Zulu. owazalwa mhlaka 27 kuMandulo 1983.
    8. UMntwana Shlobosenkosi Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Buhle KaMathe), owazalwa mhlaka 6 kuMbasa ngonyaka ka-1989.
  3. INdlovukazi Mantfombi Dlamini, wasesigodlweni kwa-Khangelamankengane, kwaNongoma. INdlovukazi yazalwa ngonyaka ka-1953 izalwa iNgonyama yesizwe sakwaNgwane Sobhuza IIyakhothama ngonyaka 2021. INdlovukazi yabe isigcagcela iSilo uZwelithini ngonyaka ka-1977. INdlovukazi yakhethwa incwadi eyabe ishiwe yiSilo ukuthi ibe ibamba bukhosi ngemuva kokukhothama kwaso iSilo.[27]
    1. UMntwana Misuzulu Sinqobile Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Mantfombi), wazalwa mhlaka 23 kuMandulo ngonyaka ka-1974, kwaHlabisa, KwaZulu-Natal. Wabe esemenyezelwa njengeSilo samaZulu ngomhlaka 7 May 2021.[28]
    2. UMntwana Ntandoyesizwe Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Mantfombi), wazalwa mhlaka 28 kuNtulikazi ngonyaka ka-1976.
    3. UMntwana Nomkhosi (ozalwa nguNdlunkulu Mantfombi), owazalwa mhlaka 23 kuNtulikazi ngonyaka ka-1978.[29]
    4. UMntwana Bambindlovu (Makhosezwe), owazalwa mhlaka 13 kuMbasa ngonyaka ka-1981 (ezalwa nguNdlunkulu Mantfombi).
    5. UMntwana Bukhosibemvelo, (ozalwa nguNdlunkulu Mantfombi), wazalwa mhlaka 3 kuNhlolanja ngonyaka ka-1980.[30]
    6. UMntwana Lungelo, owazalwa mhlaka 9 kuMasingana ngonyaka ka-1984 (ezalwa nguNdlunkulu Mantfombi).
    7. UMntwana Mandlesizwe, owazalwa ngonyaka ka-1990 (ezalwa nguNdlunkulu Mantfombi)
    8. UMntwana Simangaye, owazalwa mhlaka 16 kuMbasa ngonyaka ka-1990 (ezalwa nguNdlunkulu Mantfombi).
  4. UNdlunkulu Thandekile Jane Ndlovu wasesigodlweni sakwaLinduzulu, kwaNongoma. UNdlunkulu uMaNdlovu wagcagcela iSilo ngonyaka ka-1988.
    1. UMntwana Sihlangu Kwenzakwenkosi Zulu (ozalwa iSilo entombini yakwaSimelane). Wazalwa mhlaka 25 kuMandulo ngonyaka ka-1983
    2. UMntwana Nozibusiso Mukelile Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Thandekile). Wazalwa mhlaka 4 kuMbasa ngo-1983
    3. UMntwana Kwazikwenkosi Funuzwano. UMntwana Kwazikwenkosi wazalwa mhlaka 3 kuNdasa ngonyaka ka-1987
  5. UNdlunkulu Nompumelelo Mchiza wasessigodlweni sasoSuthu/enyokeni, kwaNongoma. UNdlunkulu uMaMchiza wagcagcela iSilo mhla zingama- 25 kuNtulikazi ngonyaka ka-1992.
    1. UMntwana Nqobangothando Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Nompumelelo). Owazalwa mhlaka 8 kuZIbandlela ngo-1992.
    2. UMntwana Nhlangano-ye-Africa Zulu (ozalwa nguNdlunkulu Nompumelelo). Owazalwa mhlaka 9 kuNtulikazi ngo-2002.
    3. UMntwana Cebo Zulu (ozalwa Ndlunkulu Nompumelelo). Owazalwa mhlaka 6 kuMbasa 2004.
  6. UNdlunkulu Zola Zelusiwe Mafu wasesigodlweni sasOndini, Ulundi. UNdlunkulu ukaMafu wagcagcela iSilo ngonyaka ka-2014. [31]
    1. UMntwana Nhlendlayenkosi Zulu (ozalwa nguNdlunkulu LaMafu)[32] UMntwana wazalwa ngomhlaka 14 kuMbasa 2005.
  • Uhla lwamakhosi amaZulu

Imithombo yolwazi hlela

  1. "Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu: HIS MAJESTY GZ XHOSA GLOBAL FOUNDATION - K2018455084". CIPC. 2021.
  2. Chutel, Lynsey (12 March 2021). "Goodwill Zwelithini ka Bhekuzulu, King of the Zulu Nation, Dies at 72". The New York Times. ISSN 0362-4331. Retrieved 13 March 2021
  3. "Zulu King Goodwill Zwelithini dies in South Africa aged 72". BBC News. 12 March 2021. Retrieved 12 March 2021.
  4. "Buthelezi confirms Zulu King's death was Covid-related, laying bare conflict over funeral". www.iol.co.za.
  5. Keller, Bill (21 September 1994). "Zulu King Breaks Ties To Buthelezi". The New York Times. Retrieved 29 April 2008.
  6. Wade, Peter (12 October 1994). "SA Newsletter". University of Pennsylvania-African Studies Center. Retrieved 29 April 2008.
  7. "Speech by His Majesty King Goodwill Zwelithini". KwaZulu-Natal Parliament. Archived from the original on 5 October 2006. Retrieved 23 September 2006.
  8. 8.0 8.1 https://www.news24.com/news24/obituaries/obituary-zulu-king-goodwill-zwelithini-the-longest-serving-ruler-of-the-zulu-people-20210312
  9. https://musicafricawakemedia.wordpress.com/2018/10/03/the-kingdom-of-kwazulu-natal-zulu-kingdom/
  10. https://www.dut.ac.za/the-passing-of-his-majesty-king-goodwill-zwelithini-former-chancellor-of-ml-sultan-technikon/
  11. https://www.unizulu.ac.za/his-majesty-king-zwelithini-goodwill-kabhekuzulu-to-receive-an-honorary-doctorate-in-philanthrophy/
  12. https://www.google.co.za/books/edition/King_of_Goodwill/ufAwAQAAIAAJ?hl=en&gbpv=1&bsq=king+goodwill+zwelithini+biography&dq=king+goodwill+zwelithini+biography&printsec=frontcover
  13. Revisiting the legacy of a legend Archived 18 April 2015 at archive.today, City Press, 3 April 2005.
  14. Okpanku, Justina (16 January 2004). "Tourism In Nigeria Needs To Be Prioritised - Zulu King". This Day. Archived from the original on 19 June 2010. Retrieved 8 October 2008.
  15. https://mg.co.za/article/2012-01-23-zulu-kings-homophobic-utterances-to-be-investigated/
  16. Mdletse, Canaan (24 January 2012). "Gay Slur uproar". The Times.
  17. Zulu king wants R18m for more palaces News24
  18. Zulu King Zwelithini's sixth wife 'needs palace' BBC
  19. 19.0 19.1 Zulu King Zwelithini's sixth wife 'needs palace', https://www.bbc.co.uk/news/world-africa-19489196 
  20. Foreigners must go home – King Zwelithini Nehanda'. Retrieved 15 April 2015.'
  21. https://nehandaradio.com/2015/03/24/foreigners-must-go-home-king-zwelithini/
  22. https://ir.nilds.gov.ng/bitstream/handle/123456789/1399/4%20XENOPHOBIC%20ATTACKS%20ON.pdf?sequence=1&isAllowed=y
  23. enca.com. Listen in English: King Goodwill Zwelithini lays into foreigners Archived 20 June 2023 at the Wayback Machine. Retrieved 17 April 2015.
  24. "Goodwill Zwelithini: Five quick facts about the Zulu King". The South African. 5 July 2018. Retrieved 15 January 2020
  25. "Right royal row divides King Zwelithini's court". News24.
  26. Chutel, Lynsey (12 March 2021). "Goodwill Zwelithini ka Bhekuzulu, King of the Zulu Nation, Dies at 72". The New York Times. ISSN 0362-4331. Retrieved 13 March 2021.
  27. Ndou, Clive (7 June 2021). "Royal divisions deepen". news24.com. The Witness. Retrieved 16 November 2021.
  28. "Right royal row divides King Zwelithini's court". News24.
  29. Swazi royalty praised for Zwelithini's virgins Swazi Observer
  30. More than 100 cows paid for Zulu princess IOL
  31. "King Zwelithini marries sixth wife: report". The New Age. South Africa. 27 July 2014. Archived from the original on 6 August 2014
  32. "He was born in 2005 to the king's youngest wife, Ndlunkulu Zola Mafu, amid much controversy. Ndlunkulu fell pregnant in 2004 when she was just 17 years old."
Template:S-reg
Nenkulumo yamaphuzu
{{{before}}}
King of the Zulu Nation Succeeded by
{{{after}}}