Imoto ezishayelayo

IMoto ezishayelayo, ephinde yaziwe ngokuthi imoto yenhleleleko, imoto engenamshayeli, noma imoto eyisithununu, iyimoto efakwe inhleleleko yesithuthi, okusho ukuthi iyisithuthi esihamba emhlabeni esikwazi ukuzwa indawo esizungezile futhi sihambe ngokuphepha ngaphandle kokungenelela komuntu. IziMoto ezizishayelayo zihlanganisa izinhlobonhlobo zeziNzwi ukuze zizwe indawo ezungezile, lezi kungaba izithwebuli zomchadamezo, isiFunimaza, isifunikhanyo, sonar, GPS, isilinganisibanga, nemivo yezilinganiso zomjijo. Izinhlelo zokulawula ezithuthukile zikhumusha ukwaziswa kwezinzwi ukuze zihlonze imikhondo yokugegeleza eqondile, kanye nezithiyo nezimpawu ezimqoka. UHlakahlisombulu lungasetshenziswa ukuze lufunde konke ukwaziswa kwezinzwi okubuthiwe ukuze lulawule isithuthi futhi lweseke imisebenzi yokuzishayela-okuyinhleleleko ehlukene. Njengezobuchwepheshe zangomuso, lezi moto zibikezelwa njengezizoba negalelo elikhulu ezimbonini zezokuhamba, ezempilo, ezenhlakakahle, ezokuhlelwa kwezidlidli, isinyokotho, umqiniseko, indayi yezisebenzi kanye neminye imikhakha.

I- Waymo Chrysler Pacifica Hybrid ivivinywa endaweni yaseSan Francisco Bay