Inhlwa elumbanisiwe

izinhlwa zevanga ezingatholakali ngokwemvelo

Uma kukhulunywa ngenhlwa elumbanisiwe kukhulunywa ngenye yezinhlwa zevanga ezingama-24 ezaziwayo ukuthi azitholakali ngokwemvelo emhlabeni: lezi zikhandwe ngobuchule bomuntu bokulumba izinhlayiyana eziyisiseko esebenzisa isiyonzi senuzi (nuclear reactor), isiKhawulezisi sezinhlayiyana (particle accelerator), noma ukuqhuma kwesiqhumani seChwe; ngaleyondlela, kuthiwa "zilumbaniswe", "zikhandiwe" njll. Lezi zinhlwa ezilumbanisiwe yilezo ezinenani lobuchwe eliqala ngama-95 kuya kwi-118, njengoba zivezwe ngombala osansomi ecansini lezinhlwa eliveziwe: lezi zinhlwa ezingama-24 zaqala ukukhandwa phakathi kweminyaka yowe-1944 nowezi-2010. Inqubo yokudala inhlwa elumbanisiwe ihilela ukugxishela ngezinelesi ezengeziwe enuzini lenhlwa enenani lobuchwe elingaphansi kwama-95. Zonke izinhlwa ezilumbanisiwe ezaziwayo azizinzile, kunalokho ziyabucuka kuye ngamazinga wazo angafani: izimpilo-sigamu zamaChembe wazo aphile isikhathi eside ayahluka kusuka kumzuzwanancinci kuya ezigidinga zeminyaka.

     izinhlwa ezilumbanisiwe     izinhlwa ezingokwemvelo ezingavamile eziyonzayo; zikhiqizwa ngokukhandwa Template:Legend striped