Insibomvu

uhlobo lwemiyonzi yenzubawonga

Insibomvu eyaziwa nangokuthi ukukhanya kwensibomvu, iyimiyonzi yenzubawonga enamabangacuphi amade kunawesokhanya namafushane kunawamaza womsakazo. Amaza wensibomvu made kunalawo abantu abangawabona ngamehlo, futhi mafishane kunawechadaza. Igama elithi insibomvu liyinhlanganisela yamabizo amabili asho ukuthi 'phansi kobomvu' ( phaNSI koBOMVU ). Lokhu kungenxa yokuthi ukukhanya kwensibomvu kunomjinge ongaphansi komjinge wokukhanya okubomvu, okunebangacuphi elide kakhulu ukuba abantu bangalibona ngamehlo. Ngakho insibomvu ayibonakali emehlweni.

Isithombe esimbalanyali sabantu ababili abathathwe ngebangacuphi elide lemiyonzi yensibomvu (izinga lomchadamezo womzimba).