Inyanga (umelaphi)

Inyanga, noma umelaphi (noma udokotela) ingcwepheshi yezempilo esebenza ukwelapha, umnako wayo usekuqhakambiseni, ekunakekeleni nasekubuyisela impilonhle isebenzisa ucwaningo, ukuxilongwa, ukubikezela kanye nokwelashwa kwezifo, ukulimala, nokunye. ukukhubazeka ngokomzimba nangokwengqondo. Izinyanga zingase zihlozinge ubunyanga bazo ezigabeni ezithile zezifo, ezigulini ezithile, nasezindlela zokwelapha—ezaziwa ngokuthi ubungoti —noma bangase bathwale isibopho sokuhlinzeka ngosizo lwezokwelapha oluqhubekayo noluphelele kubantu ngabanye, emindenini, nasemiphakathini. Ubunyanga budinga kokubili ulwazi oluningiliziwe loqeqesho lakwaNgqondonkulu, ezifana nomhlakahlo nomchazamzimba, isifundo sezifo eziyisisekelo, kanye nokwelashwa kwazo, okuyinzululwazi yokwelapha, kanye nekhono elihloniphekile ekuzisebenziseni, okusetshenzisiwe, okuwubuciko nokuba ingcwepheshi.

Kokubili iqhaza lenyanga kanye nencazelo yegama ngokwalo kuyahlukahluka emhlabeni wonke. KwaZulu kuthiwa inyanga, ngesisuthu kuthiwa ngaka kanti emazweni asentshona kuthiwa udokotela. Asikho isidingo sokuhlukanisa phakathi kwenyanga nodokotela ngoba into eyodwa. Iziqu nezinye izifaneleko ziyahlukahluka kakhulu, kodwa kunezici ezithile ezivamile, njengezimiso zezokwelapha ezidinga ukuthi abelaphi babonise ukucabangela, uzwela, nomusa ezigulini zabo .