INimbi

(Redirected from IsiNimbi)

Nickel_chunk

INimbi siyinhlwa yevanga enophawu Ni nenani lobuchwe elingama- 28. Liyinkimbi ecwebezelayo emhlophe-sacwebe enombala osambedu kancane. INimbi iyinkmbi eqinile futhi enwebekayo. Inimbi ecwebile iyasabela ngokwevanga kodwa izingcezu ezinkulu zisabela lusilili uma umoya ungaphansi kwezimo ezijwayelekile ngenxa yokuthi ungqimba lokungasabeli lwentuhla yenimbi lwakheka ebusweni balo ukuvimbela ukugqwala okuqhubekayo. Noma kunjalo, inimbi yomdabu ecwebile itholakala oqweqweni lomhlaba ngamanani amancane kuphela, imvamisa emadwaleni amgethembi (ultramafic), nangaphakathi kwamaqhumanyezi amakhulu eNimbinsimbi angagalazwanga esOhweni lapho engaphandle komoyambulunga woMhlaba.