Isifuzisi

ulungelunge lolibofuzo nesimunyuci esiguqukezela umkhiqizo wesimunyuci noma isakhamzimba

AllelemodWlocus&karyotype_eng

Kumchazampilo, igama elithi isifuzisi, elihlobene nelithi ufuzo, lingaba nezincazelo eziningana ezahlukene. Kodwa esikwaziyo ukuthi izifuzisi ziyingxenye yoLibofuzo. ULibofuzo liwumzwayi ongaphakathi kwengqamuzana elithwala iziyalezo zokwenza izakhamzimba ezizodingwa ingqamuzana. Isifuzisi ngasinye siqukethe iqoqo elilodwa leziyalezo. Lezi ziyalezo imvama ziguqukezelela isakhamzimba esikhethekile. Isifuzisi esiwumzwayi sichazwa njengolungelunge lolibofuzo, oluguqukezayo ukuze lukhiqiza isimunyuci esisebenzayo. Kunezinhlobo ezimbili zezifuzisi eziyimizwayi: kukhona izifuzisi eziguqukezela isakhamzimba kanye nezifuzisi ezingaguqukezeli lutho. Abantu banezifuzisi ezingaba yizi-20 000 eziguqukezelela izakhamzimba kanye nezinye eziningi ezingaguqukezeleli. Ingxenye yezifuzisi zomuntu zivela kunina. Ingxenye esele yona ivela kuyise.