Isivoko
Isivoko noma idunambumbulu [lower-alpha 1] siyinto, ngokuvamile umkhumbi-mkhathi, obekwe emzileni ozungeza indikimba esezulwini . Izivoko zisetshenziswa ngokuhlukahlukene, kuhlanganisa ukudluliswa kwezokuxhumana, ukubikezela isimo sezulu, ukuzulazula ( GPS ), ukusakaza, ucwaningo lwenzululwazi, nokudlozwa komhlaba. Ukusetshenziswa okwengeziwe kwezempi kuhlanganisa ukushulubeza, isixwayiso esandulelayo, iziyabizo zokwaziswa kanye, uma kungenzeka, ukufufuthwa kwezikhali. Ezinye izivoko zihlanganisa izigaba zokugcina zeziCibazulu ezibeka izivoko ozungezweni kanye nezivoko eziwusizo ezigcina zingasasebenzi.
Cite error: <ref>
tags exist for a group named "lower-alpha", but no corresponding <references group="lower-alpha"/>
tag was found