Isizindalwazi

isimiso semibhalo yesiqakaqonkulu ekhongcene esifikelelwa ngoxhakaxholo

Isizindalwazi siwuhlelolwazi oluvumela ukuhelwa kolwazi kanye nezinto ezimcivula ngoxhakaxholo.[1]

Three capital letter W superimposed on each other, on top the slogan "Let’s Share What We Know", and below "World Wide Web"
isigqabo soLwebu loMhlaba Wonke esidumile esaklanywa nguRobert Cailliau
ikhasi lolwebu libukiswe kwisiphequluli
iBalazwe lembulunga lesicubungulo soLwebu samazwe ngowezi-2014

Imibhalo nezinsiza ezilandekayo (downloadable) zenziwa ukuba zitholakale oxhoxhweni ngesiphakeli solwebu (web server) futhi zingafikelelwa ngezinhleleliso ezifana neziphequluli zolwebu. Iziphakeli nezinsizakusebenza ezikuLwebu loMhlaba Wonke zihlonzwa futhi zifunyanwe ngemicu yophawu ebizwa iziFumani ziNsiza (URL). Uhlobo lombhalo wendabuko nosavamile ubizwa ikhasi lolwebu, olunikinwa ngoLimi lweKhongco (HTML). Lolu limi lwesiqakaqo luxhasa isiqakaqo esicacile (plain text), imifanekiso, isiqikili semibukiso nezilalelwa, kanye neziqakaqo ezigununda ukwenanana kwabasebenzisi okuyinkimbinkimbi. Ulimi lweKhongco lubuye luxhase namakhongco ahlinzeka ngofukelelo kwezinye izinsizakusebenza zolwebu. Ukuphequlula ulwebu, kuyindlela elula nevamile yokulandela amakhongco kwizizindalwebu eziningi. Ukwaziswa okuselwebini kudluliswa kuxhakaxholo ngokusebenzisa igumelo lweKhongco lokudlulisa (HTTP).

Izinsizakusebenza zolwebu eziningana ezinesihloko esifanayo negama lesidlangala elifanayo zakha Isizindalwebu. Isiphakeli soLwebu esisodwa zihlinzeka izizindalwebu eziningana, kuyilapho ezinye izizindalwebu, ikakhulu ezidumile , zihlinzekwa iziphakeli eziningana. Isiqikili zesizindalwebu sona sihlinzekwa inqaba yezimishumanqa, izinhlangano, nezinhlangano zikahulumeni, kanye nangabasebenzisi; futhi sibandakanya intilibathwa yenani lokwaziswa okufundisayo, bezokuzojabulisa, bezentengiselwano, nobukahulumeni.

ULwebu loMhlaba Wonke seluphenduke umakhonya womhlaba wethala lamahlelokusebenza.[2][3][4][5] Luyithuluzi eliyinhloko izinqindi zabantu ezilisebenzisa ukuze zinanane noxhakaxholo.[6]

ULwebu laqanjwa ngu-Tim Berners-Lee e-CERN ngowe-1989 futhi lwavulelwa umphakathi ngowe-1991. Laluthathwa ngokuthi "isimiso sokwaziswa esikhongcwe jikelele".[7]

uMlando hlela

 
lesi isiCikizi esibizwa 'NeXt' esasisetshenziswa nguMnu Tim Berners-Lee kwa-CERN futhi saba isiphakeli soLwebu sokuqala emhlabeni.

ULwebu lwaqanjwa ngusonzululwazi ongumNgisi uTim Benners-Lee ngesikhathi esebenzela inkampani ebizwa CERN. Waludala njengesimiso sokuphatha ukwaziswa esisebenzisa izicabango nezobuChwepheshe ezimbalwa, phakathi kwazo eziyisisekelo kakhulu kungukuxhumana okukhoba phakathi kokwaziswa.[8][9][10] Isiphakamiso sokuqala salotshwa ngowe-1989,[7] futhi isimiso esisebenzayo sagunundwa ekupheleni kowe-1990 kuhlanganisa nesiphequluli soLwebu loMhlaba Wonke kanye ngesiphakeli se-HTTP.[11] Lobu buchwepheshe bakhululelwa nezinye izikhungo zocwaningo kusukela ngowe-1991 kuMasingana, ekugcineni emphakathini wonke ngomhla zingama-23 kuNcwaba 1991. ULwebu lwaba impumelelo e-CERN, futhi lwaqala ukusabalalela kwezinye izikhungo zenzululwazi nobungqandavu. Phakathi kweminyaka emibili elandelayo, kwakunezizindalwebu ezingama-50 ezidaliwe.[12][13]

Sisebanza kanjani hlela

  1. "What is the difference between the Web and the Internet?". W3C Help and FAQ. W3C. 2009. Kulandwe ngomhlaka 16 July 2015.
  2. Bleigh, Michael (16 May 2014). "The Once And Future Web Platform". TechCrunch. Kulandwe ngomhlaka 9 March 2022.
  3. "World Wide Web Timeline". Pews Research Center. 11 March 2014. Kulandwe ngomhlaka 1 August 2015.
  4. Dewey, Caitlin (12 March 2014). "36 Ways The Web Has Changed Us". The Washington Post. Kulandwe ngomhlaka 1 August 2015.
  5. "Website Analytics Tool". Kulandwe ngomhlaka 1 August 2015.
  6. "What is the difference between the Web and the Internet?". W3C Help and FAQ. W3C. 2009. Archived from the original on 9 July 2015. Kulandwe ngomhlaka 16 July 2015. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  7. 7.0 7.1 Berners-Lee, Tim. "Information Management: A Proposal". w3.org. The World Wide Web Consortium. Kulandwe ngomhlaka 12 February 2022.
  8. Berners-Lee, T.; Cailliau, R.; Groff, J.-F.; Pollermann, B. (1992). "World-Wide Web: The Information Universe" (in en). Electron. Netw. Res. Appl. Policy 2: 52–58. doi:10.1108/eb047254. https://www.w3.org/History/1992/ENRAP/Article_9202.ps. 
  9. Quittner, Joshua (29 March 1999). "Network Designer Tim Berners-Lee". Time Magazine. Archived from the original on 15 August 2007. Kulandwe ngomhlaka 17 May 2010. He wove the World Wide Web and created a mass medium for the 21st century. The World Wide Web is Berners-Lee's alone. He designed it. He set it loose it on the world. And he more than anyone else has fought to keep it an open, non-proprietary and free. Unknown parameter |url-status= ignored (help)Template:Page needed
  10. McPherson, Stephanie Sammartino (2009). Tim Berners-Lee: Inventor of the World Wide Web. Twenty-First Century Books. ISBN 978-0-8225-7273-2.
  11. W3 (1991) Re: Qualifiers on Hypertext links
  12. Hopgood, Bob. "History of the Web". w3.org. The World Wide Web Consortium. Kulandwe ngomhlaka 12 February 2022.
  13. "A short history of the Web". CERN (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 15 April 2022.