Izihlabelelo ZamaNazaretha
Izihlabelelo ZamaNazaretha (ebunyeni: isihlabelelo samaNazaretha) izihlabelelo ibandla lamaNazaretha elidumisa ngazo uNkulunkulu kokunye incwadi yamaNazaretha ebhalwe imithandazo yamaNazaretha kanye nezihlabelelo. Izihlabelelo zaqoqwa umholi wesibili wamaNazaretha iNkosi uJ.G Shembe (iLanga) zaba yincwadi eyodwa, yashicilelwa ngowe-1940.[1]
Izihlabelelo zamaNazaretha ziyiqoqo lezihlabelelo ezingama-242 ezaqanjwa uMphrofethi Isaiah Shembe kanye nayo iNkosi uJ.G Shembe. Kusukela esihlabelelweni sokuqala kuya kwesama-219 zabhalwa u-Isaiah(ukuthula kube kuye), kusukela kwesama-220 kuya kwesama-242 ezabhalwa iLanga.
Amazwi omlobi encwadini athi:
"Eziningi zalezi zihlabelelo zazifika nezithunywa zasezulwini. Imvama wayesuke ebhekile engalele."[2]
Umlando Wezihlabelelo
hlelaNgaphambi kokuba umsunguli webandla lamaNazaretha uShembe abe nezambulo ngezihlabelelo zamaNazaretha, wayejwayele ukuhlabelela izingoma nezihlabelelo Methodist.
Isihlabelelo sokuqala isona safika kuqala ngo-1910 esanda kufika eNatali. Sasihlatshelelwa abantwana ababemcelela umusa kuNkukunkulu ukuthi avikeleke ngoba esanda kufika eNatali wayengenayo indawo yokuhlala okungeyakhe.[2]
Isihlabelelo sesibili safika ngonyaka ka-1913 mhla eqala ukukhwela entabeni yaseNhlangakazi. Kusukela ku-1914 kuze kube u-1919 akuqanjwanga sihlabelelo. Ngo-1920 waqala waziloba kakhulu, waqala nokuloba imithandazo, owokuvuka, owokulala kanye noweSabatha.[2]
Izinkomba
hlela- ↑ https://books.google.co.za/books/about/IziHlabelelo_ZamaNazaretha.html?id=jP_EngEACAAJ&redir_esc=y
- ↑ 2.0 2.1 2.2 Shembe, Isaiah, and Johannes Galilee Shembe. IziHlabelelo ZamaNazaretha. Edited by Carol Ann Muller, translated by Bongani Mthethwa, University of KwaZulu-Natal Press, 2010, p. 2. ISBN 9781869141363.