Jeff Radebe

Usombusazwe waseNingizimu Afrika

UJeffrey Thamsanqa "Jeff" Radebe (owazalwa ngo-Agasti ka-1953) ungumholi wezombangazwe waseNingizimu Afrika owaqokwa njengoNgqongqoshe Wezamandla nguCyril Ramaphosa ngo-26 Febhuwari 2018. Waqala ukusebenza kuhulumeni waseNingizimu Afrika njengoNgqongqoshe ehhovisi likaMongameli ukusukela ngo-2014 kuya ku-2018. Ngaphambili wayeNgungqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo kusukela ngo-2009 kuya ku-2014. U-Radebe yiLungu leKhabhinethi eselibe yilungu isikhathi eside kakhulu likwiKhabhinethi, njengoba ebe yingxenye yombusu nokuba kwikhabhinethi isikhathi eside ukusukela ngonyaka ka-1994 nangaphansi kwabo bonke oMengameli ukusukela ngo-1994 ngemuva kokuba kuqedwe inqubo yombuso wobandlululo.

The Honourable Jeffrey Thamsanqa Radebe MP
Minister of Energy
Manje
Isikhathi:
26 February 2018
Emva kwa David Mahlobo
Minister of Justice and Constitutional Development
Isikhathi:
11 May 2009 – 25 May 2014
Emva kwa Enver Surty
uLandelwa Michael Masutha
Minister of Transport
Isikhathi:
29 April 2004 – 10 May 2009
President Thabo Mbeki
Kgalema Motlanthe
Emva kwa Mac Maharaj
uLandelwa S'bu Ndebele
Minister of Public Enterprises
Isikhathi:
17 June 1999 – 28 April 2004
Minister of Public Works
Isikhathi:
11 May 1994 – 17 June 1999
uLandelwa Stella Sigcau
Ukwazisa
Ubezalwa (1953-08-06) 6 ngoNcwaba 1953 (Iminyaka 70)
Cato Manor
Iqembu South African Communist Party
African National Congress
Ubeshada Bridgette Radebe
Alma mater University of Zululand (B.Jur), Leipzig University (LLM)

Imfundo kanye nomlando wakhe siqu hlela

U-Radebe wazalelwa eCato Manor, wahlala khona kwaze kwaba ngo-1958 lapho umndeni wakhe wasuswa ngendluzula waphoqelelwa ukuya KwaMashu . [1] Ushade noBridgette Radebe, ongusomabhizinisi wokuqala wabantu abamnyama kwezezimayini eNingizimu Afrika kanye nodadewabo wenjinga ecebe kakhulu engu-billionaire mining magnate, uPatrice Motsepe. Wafunda isiqu sezomthetho eYunivesithi yaseZululand, futhi waqeda isiqu se-LLM kwezoMthetho Wamazwe Omhlaba eKarl Marx University eLeipzig ngo-1981. [2]

Umlando we-ANC hlela

U-Radebe wajoyina i-African National Congress (ANC) ngo-1976, ngesikhathi esengumfundi. Ngonyaka ka-1977 i-ANC yathumela uRadebe eMozambique, futhi maduzane ngemuva kwalokho wathunyelwa eTanzania lapho asebenza khona njengentatheli yezindaba esiteshini somsakazo eDar es Salaam. Ngemuva kokungena ezweni ngokungemthetho, lapho ayethunyelwe yi-ANC ngaphakathi ezweni, uRadebe waboshwa ngo-1986, wabekwa icala ngaphansi koMthetho wobuphekula obese- ngaphansi kukahulumeni wobandlululo. Wagwetshwa iminyaka engu-10 ejele eRobben Island. Ngemuva kwesiteleka sezinsuku ezingu-12, uRadebe wakhululwa ejele ngo-1990.

Ngemuva kokhetho lwentando yeningi luka-1994, uRadebe wasebenze njengoNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Emiphakathini ngaphansi kukaMongameli uNelson Mandela. Ngaphansi kobuholi bukaThabo Mbeki, uRadebe wasebenza njengoNgqongqoshe Wezinkampani Zikahulumeni (1999-2004) nanjengoNgqongqoshe wezokuThutha [3] (2004-2009).

Ngo-26 Febhuwari 2007, uRadebe waqokwa njengoNgqongqoshe WezeMpilo obambele ngenxa yokugula okwakuqhubeka kukaNgqongqoshe wezeMpilo uManto Tshabalala-Msimang . [4]

Ukuvela kwezemidiya hlela

Izixhumanisi zangaphandle hlela

Imithombo hlela

  1. ANC website Archived 2007-07-15 at the Wayback Machine.
  2. South African government website Archived 2007-02-08 at the Wayback Machine.
  3. "Archived copy". Archived from the original on 2014-05-27. Kulandwe ngomhlaka 2012-11-08.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  4. "Izindaba 24". Archived from the original on 2007-09-30. Kulandwe ngomhlaka 2019-03-29.
  5. "IMDB". IMDB.