Khuzani Mpungose

Khuzani Nkosikhona Innocent Mpungose (03 ngoZibandlela 1989) obuye aziwe ngegama elithi Idlamlenze ungumculi womculo kaMas'kandi odabuka Emandaba eNkandla, KwaZulu-Natali. Lomculi usezakhele idumelo elikhulo ngephimbo lakhe. UKhuzani ubuye aziwe kakhulu ngokuqgoka izimphahla ezihamba phambili zikanokusho.upresidenti we-blue nation(okuyigama abalandeli bakhe abayibiza ngakho)

Khuzani
Native name Ndlamlenze
Igama lokuzalwa Khuzani Mpungose
Also known as Khuzani Mpungose
Ubezalwa (1989-12-03) ngoZibendlela 3, 1989 (Iminyaka 34)
Nkandla
Izinhlobo Mas'kandi
Abasebenzi Umculi, umbhali wengoma
Amathuluzi Iphimbo
Isikhathi 2011–active
Amaqembu

Izingane Zoma Promotions(2011-2017)

Indlamlenze Group&Production(2017-namanje)
Amaviyo (Mtshengiseni Gcwensa) , Izingane Zoma, Shobeni Khuzwayo, Shwi Nomtekhala, nabanye abaningi

Impilo Yokuqala

hlela

UKhuzani wazalwa eNkandla esigodini Emandaba, ezalwa nguMuziwephahla Mpungose nowakwakhe uNkk Sizakele Mpungose, uMaNgema. Ngokuzalwa ungowesibili ezinganeni ezintathu. Ngonyaka wezi-1995 waqala imfundo yamabanga aphansi eMvaziya Primary School khona Emandaba, eNkandla, wafunda lapha kwaze kaba ngunyaka wezi-1998. Ngonyaka wezi-1999 waqhubela imfundo yakhe esikoleni iSibhakabhaka Primary and High School, esikhona eNkandla, kwaze kwaba ngunyaka wezi-2002. Ngonyaka wezi-2003 wahamba isikhashana KwaZulu-Natali walibangisa ePitoli lapho aqhubeka khona nemfundo yakhe esikoleni esibizwa ngokuthi eMakgatho Primary School. Emva kwesikhashana ehambile wabuyela emuva KwaZulu-Natali lapho aphothula ibanga lama-12 ngonyaka wezi-2009 eSibhakabhaka Primary and High School [1].

Esakhula uKhuzani wathola ugqozi lomculo kamas'kandi emculweni ka Mgqumeni (Ibhova likadikadika) kanye no Mtshengiseni Ngcwensa (Indidane). Lokhu kwamugqugquzela ekulandeleni umculo kwamaskandi. Mhla zi-19 kuZibandlea wezi-2009, ngebhadi umculi abe emkhonze kakhulu uMgqumeni wadlula emhlabeni esasebenza kwi-alibhamu yakhe esihloko sithi I-Secret. Ngesikhathi edlula emhlabeni uMgqumeni wabe esayinde kwinkampani ekhiqiza umculo eyaziwa ngokuthi, Izingane Zoma Music Promotions ngaphansi kom'sunguli nomqondisi uShobeni Khuzwayo. Ngenkathi uMgqumeni edlula emhlabeni esaqopha, uKhuzwayo waqoka uKhuzani owabe eneminyaka engama-20 ngaleso sikhathi ukuba aqhubeke nokuqopha I-Secret ngoba izwi lakhe labe licishe lifane nelikaMgqumeni. Kodwa loku kungamanga aluhlaza. UDSD owayesinela iqembu likaMgqumeni wambuza uKhuzani ukuthi wayeyiqedela nini i-album yaMgqumeni. UKhuzani wehluleka ukuphendula. Loku kwakuwukuzifunela udumo ngegama likaMgqumeni. Le-Alibhamu I-Secret yathola indodo kuma-South African Traditional Music Awards ''(SATMA)''. [2]

Imisebenzi

hlela

Ngonyaka wezi-2011 uKhuzani wakhipha i-alibhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Bahluleke Bonke. Ngonyaka wezi-2012 wakhipha eyesibili esihloko sithi Amapungunge. Le-alibhamu yamlethela idumela elikhulu okwaholela ekutheni uMtshengiseni Gcwensa, bukhoma Okhozini FM aphethe ngokuthi uKhuzani uzoba ngumculi kamas'kandi oyingqwele futhi uzohlabana nezindondo eziningi njengeNdidane. Njengoba abe eshilo uMtshengiseni, uKhuzani manje usaziwa njengeNkosi kaMaskandi ngabalandeli bakhe babuye bambize ngo King Khuba! Abalandeli bembangi yakhe enkulu uMthandeni Manqele kepha bayakuphikisa lokhu [3].

UKhuzani useke wasebenza nizingqwele zikamas'kandi okubalwa kuzo iNdidane (Mtshengiseni Gcwensa) , Izingane Zoma, Shobeni Khuzwayo, Shwi Nomtekhala, Osaziwayo, Babes Wodumo, Imfezemnyama, Amagez'Amahle, Andile kaMajola, Lebo M, Big Nuz, Afro Soul kanye nabanye abaculi abaningi.

Ngonyaka wezi-2017 wakhipha i-alibhamu esihloko sithi Isixaxa Samaxoki, le-alibhamu yaba yigolide ezinyangeni ezimbili nje vo ikhishiwe. Kule-alibhamu wasebenzisana nabantu abaningi okubalwa kubo oSkhindi Zondi, Phathaphatha, Maqhude, Senzo Kanyile kanye noThibela Mpungose ukubala abambalwa.

Ama-alibhamu

hlela
  • 2011 : Khuzani-Bahluleke Bonke
  • 2012 : Khuzani-Amapungunge
  • 2013 : Khuzani-Sixosha Amambuka
  • 2014: Khuzani-Injemnyama
  • 2015 : Khuzani-Isihlahla Samavukane
  • 2016 : Khuzani-Inyoni Yomthakathi
  • 2017 : Khuzani-Isixaxa Samaxoki (Igolide Lasethaveni)
  • 2018 : Khuzani-Inhlinini Yoxolo Part 1
  • 2018: Khuzani-Inhlinini Yoxolo Part 2 [4]
  • 2019: Khuzani Inhloko Nes’xhanti
  • 2020: Khuzani-Ispoki Esingafi
  • 2021: Khuzani-Inja Nogodo
  • 2022:Khuzani-Umqhele Nethawula
  • 2023:Khuzani-Aliboli Icala
  • 2024:Khuzani-Angidlali Nezingane

Izindondo

hlela

Kusukela ngenkathi engena emculweni uKhuzani uzakhele isasa elikhulu emculweni kama'skandi, lokhu kwenza ukuthi athole azindodo eziningi. Usake wahlabana nezindondo kumqhudelwano elandelayo, Amantshonthso kaMaskandi Awards, SATMA, amaSAMA kanye ne-The Life Changers Awards, lapho ayethola khona indondo yeNgoma Yonyaka ehamba Phambili. Ngonyaka wezi-2017 wahlabana nendondo emqhudelwaneni obizwa ngokuthi Amantshonthso kaMaskandi Awards. Kulomqudelwano wahlabana nezindondo ezintathu okubalwa kuzo Ingoma Yonyaka ehamba phambili, i-alibhamu ehamba phambili edayisiwe, i-alibhamu kamas'kandi ehamba phambili [5] [6]

Imfashini

hlela

UMpungose uzishaya isifuba ngokuthi "Uyawushaya ukotini", okusho ukuthi ugqoka izingubo ezihamba phambili zikanokusho. Njengoba uKhuzani egqoka angaconsi phansi futhi aphinde aziwe ngokuthi uyiNkosi yamaBhinca, inkampani eyakha izimpahla zokugqoka ebizwa ngokuthi i-Jonathan D' inesivumelwano naye, ukuqhakambisa isitayela sakhe uKhuzani [7]. Njalo uma eyodlala izinkumbi zabalandeli bakhe zibonaka zigqoke izimpahla ezinombala oluhlaza-sasibhakabhaka.

Imithobo

hlela
  1. Khuzwayo, Charles (5 kuMbasa 2017). "'Angikaze ngixbane neGcokama'- Khuzani". Archived from the original on 2021-01-12. Kulandwe ngomhlaka 1 kuNhlaba 2018. Unknown parameter |piblisher= ignored (help)
  2. "Khuzani Mpungose Indlamlenze Biography, Albums, Songs, Music". |first1= missing |last1= in Authors list (help)[dead link]
  3. Makwakwa, Wellington. "Khuzani and Igcokma Elisha end tgeir violent feud" Check |url= value (help). Kulandwe ngomhlaka 2 kuNhlaba 2018. Text "date 23 kuNhlangulana 2017" ignored (help)[dead link]
  4. "Inhlinini yoxolo-new & latest 2018 album by Khuzani Mpungose". 21 kuMbasa 2018. Archived from the original on 2021-01-10. Kulandwe ngomhlaka 2018-05-02. Text "2 kuNhlaba 2018" ignored (help); |first1= missing |last1= in Authors list (help)
  5. "Khuzani Winos Big at the 4th Amantshonthso Kamsakandi Awards". 2 kuMbasa 2017. Unknown parameter |https://www.youtube.com/watch?v= ignored (help); Missing or empty |url= (help); |access-date= requires |url= (help)
  6. "Khuzani 2017 latest new album -Isixaxa Samaxoki (Igolide Lasemathaveni)". 25 kuLwezi 2018. Archived from the original on 2018-04-21. Kulandwe ngomhlaka 2018-05-02. |first1= missing |last1= in Authors list (help)
  7. Dladla, Zee (20 kuNtulikazi 2017). "Maskandi artist: Khuzani's fans are a force to be reckoned with". Zalebs. Kulandwe ngomhlaka 2 kuNhlaba 2018.[dead link]