Miriam Makeba

Umculi

UZenzile Miriam Makeba (4 ngoNdasa 1932 – 9 ngoLwezi 2008) ungumculi nomzabalazi nomlingisi waseNingizimu Afrika. Amaculo akhe aziwayo aqukatha uPata Pata noQongqothwane.[1] Uyaziwa futhi umsebenzi wakhe wokuphikisana nohulumeni wobandlulo waseNingizimu Afrika. Ubizwa ngo-“Mama Africa”.[2][3]

uMiriam Makeba

Miriam Makeba, ngo1968
Background information
Igama lokuzalwa uZenzile Miriam Makeba
Ubezalwa 4 ngoNdasa 1932(1932-03-04)
eGoli,eNingizimu Afrika
Ubefa 9 ngoLwezi 2008(2008-11-09) (iminyaka ama-76)
[iTaliya|eItaliya]
Izinhlobo i-Afropop,
Abasebenzi umculi
Amaqembu Manteca, Strut, RCA, Mercury, Kapp, Collectable, Suave Music, Warner Bros., Reprise, PolyGram, Drg, Stern's Africa, Kaz, Sonodisc

Ebuncaneni bakhe hlela

Uvela eGoli eNingizimu Afrika.  Ngo1954 uMakeba wahlanganyela ibhendi i- “Manhattan Brothers”, bese wenza ibhendi labesifazane, i-Skylarks.[2]  UMakeba wayedlala nakumafilimu u-“Come Back Africa” (1957) no “King Kong (1959).[4] UMakeba wacula amaculo amabili kwifilimu u-“Come Back Africa.”[5]  Lifilimu ngezimpilo  zabantu emalokishini.  Ifilimu ligxeka uhulumeni waseNinginzimu Afrika.  

Ngo1960, washiya iNingizimu Afrika, wahlala kuqala eLondon, kamuva eMelika.  Uma wafuna ukubuyela eNingizimu Afrika ukuba avakashele umama wakhe ogulayo, waqala ukuzwa ukuthi ipasipoti  lakhe laseNingizimu Afrika lithathiwe.

Ngo1960 uMiriam Makeba wadlala irekhodi lakhe lokuqala  laphoecula yedwa. Wacula ihubo “Qongqothwane” noma “The Click Song”.  Liculo lesiXhosa elaliculwa ngomshado.  Kamuva, wathola  ukuthi abelungu baseNingizimu Afrika babiza leli culo ngoClick Song ngoba abakwazi ukuthi Qongqothwane.[6]

Ngo1963 uMiriam Makeba wakhuluma ngohulumeli wobandlululo Ezizwe Ezihlangeneyo.[7] UMiriam Makeba noHarry Belafonte baqamba irekhodi “An Evening With Belafonte/Makeba.”  Leli reckhodi lazuza i-Grammy ngo1966[2].   Iculo lakhe uPata Pata laphumelela .  EMelika layiBillboard Hot 100.[8]  UMiriam Makeba wathi, “leli culo lincane” ngoba lalingomdanso. Kodwa lalithandwa kakhulu.[9]

Ngo1966 wagana isazimculo  uHugh Masekela.  Bahlangana ngesikhathi besebenzela ifilimu uKing Kong.  Bahlukanisile ngo1966.  Futhi ngo1986 wacula kwi-albhamu “Graceland” noPaul Simon neLadysmith Black Mambazo.  Leli albhamu  alizuzanga i-Grammy kodwa kwakukhona ukuphikisana ngoba abantu abanye babecabanga ukuthi uPaul Simon waduba ibhoyikhothi  kahulumeni wobandlulo waseNingizimu Afrika.[10]

Ngo1968 uMiriam Makeba washada futhi.  Washada uStokely Carmichael owayengumzabalazi  wamalungelo abantu  eMelika. Babengathandwa eMelika, yingakho baya eGuinea.  Bahlala eGuinea, kodwa uMiriam Makeba wacula  emhlabeni wonke jikelele. Wacula eZaire ngo1974 ngesikathi se-Rumble in the Jungle, umlo wesibhakela kaGeorge Forman noMuhammed Ali. Ngo1990 wabuyela eNingizimu Afrika.[7] Wenza i-albhamu uHomeland.  UThabo Mbeki wamkhethela i-Goodwill Ambassador  yeNingizimu Afrika.  Waqhubeka esacula  emhlabeni jikelele.  Wayeyocula eItaly ngesikhathi lapho washona ngomuhla we-9 kaNovemba ngo2008.[7]

Imithombo hlela

  1. Cowell, Alan (10 November 2008). "Miriam Makeba, 76, Singer and Activist, Dies". New York Times. Kulandwe ngomhlaka 29 Novemba 2008. Check date values in: |access-date= (help)
  2. 2.0 2.1 2.2 "Miriam Makeba dies in Italy". Mail & Guardian. South Africa. 10 November 2008. Kulandwe ngomhlaka 26 April 2008.
  3. "Uzokhunjulwa ngomculo uMiriam Makeba". News24. South Africa. 13 November 2014. Kulandwe ngomhlaka 26 April 2008.[dead link]
  4. Mhlongo, Edmund (07 August 2017). "IKing Kong yaba ivulandlela". Bayede. South Africa. Kulandwe ngomhlaka 26 April 2018. Check date values in: |date= (help)[dead link]
  5. Allen, L. (2002). SEEKING THE SIGNIFICANCE OF TWO 'CLASSIC' SOUTH AFRICAN JAZZ STANDARDS: SOUND, BODY, RESPONSE. English Studies in Africa., 45(2), 91.[1]
  6. Soul Power, 2008, https://www.imdb.com/title/tt1277736/fullcredits?ref_=tt_cl_sm#cast 
  7. 7.0 7.1 7.2 Allen, Lara (2008). "Remembering Miriam Makeba". Journal of the Musical Arts in Africa 5 (1): 89-90. doi:10.2989/JMAA.2008.5.1.6.789. https://www-tandfonline-com.ezproxy.bu.edu/action/showCitFormats?doi=10.2989%2FJMAA.2008.5.1.6.789. Retrieved 29 April 2008. 
  8. "Miriam Makeba Chart History". Billboard. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.
  9. Makeba, Miriam; Hall, James (1987), Makeba: My Story, New York: New American Library, p. 140, ISBN 0453005616 
  10. Makeba, Miriam; Mwamuka, Nomsa (2004), Makeba: The Miriam Makeba Story, Johannesburg: STE Publishers, p. 196, ISBN 1919855394