Nkosi Sikelel' iAfrika

Nkosi Sikelel' i-Afrika ihubo elaqanjwa nguEnoch Sontonga ngonyaka wezi-1987, owabe engumfundisi esikoleni sesesonto lamaWeseli eGoli. Leli culo lagcina selisetshenziswa njengelomzabalazo laphinde laseteshenziswa njengeculo leSizwe emazweni amahlanu e-Afrika, okubalwa kuwo iZambia, iTanzania, iNamibhiya kanye neZimbabwe emva kokuthola inkululeko. Okwamkaje leli culo listshenziswa njengeculo leSizwe eTanzania kanye nase Zambia, kususkela ngonyaka wezi-1997 eNingizimu Afrika ingxenye yalo leli culo ifakwe kwiCulo leSizwe laseNingizimu Afrika. [1]

Umlando hlela

Leliculo libhalwe ngolimi lwesiXhosa libhalwa ngumfundisi wasesikoleni sesonto lamaWeseli edolobheni laseGoli. Amagama esigaba sokuqala seculo ayebhalwe ngeXhosa, okwathi ngonyaka wezi-1927 ezinye izigaba ezisi-7 zsfakwa ngusonkondlo uSamuale Mqhayi. Leli culo laduma kakhulu emasontweni aseNingizimu Afrika lagcina selisthenziswa abahlabeleli basesikoleni-Ohlange High School, lapho kwakufundisa khona u-John Langalibalele Dube owabe engumongameli we-South African Native National Congress (SANNC). Laculwa kuvalwa umhlangano we-SANNC ngonyaka wezi-1912 kanye nezi-1925, lagcina sekuyiculo elisemthethweni lokuvala imihlangano ye-SANNC. Inkosi Sikelela i-Afrika yashicilelwa okukuqala ngonyaka wezi-1927.

 
Enoch Sontonga, Umbhali Nkosi Sikelel' iAfrika
  1. "Archive copy". Archived from the original on 1997-10-17. Kulandwe ngomhlaka 2021-07-29.CS1 maint: Archived copy as title (link)