Sandton

isifunda esiseGoli esifundazweni Gauteng, eNingizimu Afrika

I-Sandton yisifunda sezentengiselwano esiyinxuluma esisenyakatho nesidlavela iGoli, eNingizimu Afrika.[2] Iyingxenye yomkhandlusidlidli omkhulu waseGoli. Igama elithi Sandton laqhamuka emva kokuhlanganiswa kwamabizo amabili wezindawo ezingamaphandle ezimbili i-Sandown kanye ne-Brynston. Ngonyaka we-1969, iSandton yamemezelwa njengomkhandlu ngokwayo, kodwa yalahlekelwa yilelo lungelo lokuba isidlidli esizimele emva kokuhlelwa kabusha kohulumeni bezindawo baseNingizimu Afrika ekupheleni kohulumeni wobandlululo.

Sandton
Sandton skyline from Megawatt Park
Sandton skyline from Megawatt Park
Sandton is located in Greater Johannesburg
Sandton
Sandton is located in South Africa
Sandton
Indawo yedolobha eNingizimu Afrika
Izixhumanisi: 26°6.42′S 28°3.1′E / 26.107°S 28.0517°E / -26.107; 28.0517
Izwe IRiphabliki waseNingizimu Afrika
Isifunda Gauteng
Metropolitan Municipality City of Johannesburg Metropolitan Municipality
Ubukhulu
 • Jikelele 143.54 km2 (55.42 sq mi)
Inani labantu (2011)[1]
 • Jikelele 222,415
 • Iqulu 1,500/km2 (4,000/sq mi)
First languages (2011)[1]
 • isiNgisi 63.9%
 • isiBhunu 7.4%
 • isiZulu 6.3%
 • isiSuthu sasenyakatho 3.2%
 • other 19.2%
Postal code 2196
Isizindalwazi http://www.sandtoncentral.co.za/

UMlando hlela

Abantu bokuqala hlela

 
The three original farms, Zandfontein, Driefontein and Rietfontein, and later two additional farms, Witkoppen and Cyferfontein, upon which Sandton was founded.

Imivubukulo etholakele isikisela ukuba indawo namuhla ebizwa Sandton, ngokwendabuko kwakuhlala amaqembu ahlukahlukene ngaphambi kokuba kufike abelumbi basentshona, futhi kwakuhlala abeTswana kakhulu, kanye nabeSuthu ngokwezinga elincane. Izinsalela zangenkathi yeNsimbi zalapho okwacandulwa khona insimbi zavubukulwa e-Lone Hilton, emaphandleni asenyakatho ne-Sandton. Elinye lamaqembu wabafuduki bama-Voortrekker okuthiwa lahlala kulendawo kwakungumndeni wakwa-Esterhuysen. Kunesikhumbuzo sokubabungaza esitholakala eduze nomgwaqo obizwa Adrienne ose-Sandown lapho kunamangcwaba walomndeni. Isiphandla somkhandlu wase-Sandton songama iziqinti ezintathu ngemithombo esamigqomo emithathu eyimbulunga emqambeni wawo.[3]

Imithombo hlela

Ubheka futhi hlela

Amakhasi amangaphandle hlela

Imithombo hlela

  1. 1.0 1.1 Census 2011
  2. "Sandton (South Africa)". Flag's of the World. Kulandwe ngomhlaka 2009-02-25.
  3. "Sandton (South Africa)".