Sibusiso Nyembezi

Umbhali wasiZulu waseNingizimu Afrika

Usolwazi Cyril Lincoln Sibusiso Nyembezi (6 Zibandlela 1919 - 27 Nhlangulana 2000) wabe engumbhali wezincwadi zesiZuliu, engusonkondlo, enguthisha aphinde abe ngumhleli waseNingizimu Afrika. UNyembezi waziwa kakhulu ngencwadi ayibhala eyabe yaziwa ngokuthi Inkinsela yaseMgungundlovu eyaba yisasa elikhulu yaze yaphendulwa umdlalo womoya kanye nowamabonakude.

Sibusiso Nyembezi

Isiqalo sempilo nemfundo hlela

UNyembezi wazalelwa endaweni yaseBabanango, eMelmoth, enyakatho neKwaZulu-Natali. Ngokokuzalwa ungowesibili kubafowabo abane. Wafunda amabanga akhe aphansi ezikoleni eziseFilidi kanye naseDriefontein ngaseMnambithi. Waqala ukufunda amabanga aphezulu eMariannhill, St Francis College. Waqeqeshelwa ubuthisha eNuttall Training College, e-Edenedale kanye nase-Adams College, e-Amanzimtoti [1].

Ngonyaka wezi-1941 waqala imfundo ephakeme eNyuvesi yase Fort Hare lapho aphothula khona izifundo ze-B.A waphasa ngamalengiso ezifundweni zesiNgisi kanye nesiZulu. Ngonyaka wezi-1946 waphothula izifundo zakhe eNyuvesi yaseNingizimu Afrika athola neziqu ze-B.A. Ngonyaka wezi-1947 waqhubeka nezifundo zakhe eNyuvesi yaseWitswatersrand (Wits) lapho athola khona i-Honours yakhe kwi-B.A. Ngonyaka wezi-1950 wafunda wagogoda waze wathola izifundo zeM.A [1].

Imisebenzi hlela

Emva kokuphothula izifundo zobuthisha waqala ukufundisa esikoleni samabanga aphezulu esibizwa ngokuthi Newcastle Secondary School. Emva kokuphothula izifundo zakhe eWits wakhethwa njengomsizi wezeziLimi kuyo lenyuvesi emnyangweni weziFundo zase-Afrika (Department of African Studies) ngonyaka wezi-1948. Kusukela ngonyaka wezi-1948 kuya kowezi-1953 uNyembezi wabe engumfundisi (Lecturer) eNyuvesi yaseWits lapho ayefundisa khona ulimi lwesiZulu kanye nesiXhosa. Ngonyaka wezi-1954 emva kokuthola i-M.A waqokwa ukuba nguSolwazi kanye nomphathi womnyango weBantu Languages enyuvesi yase Fort Hare. Lesi sikhundla wasibamba kwaze kwaba ngunyaka wezi-1959 lapho esula khona ngenxa yemithetho kahulumeni wobandlululo eyabe inengcindezi kwimfundo yama-Afrika. Abanye esula nabo sikhundleni eFort Hare kubalwa u-Ambrose Phahle, Ethena Mayisele kanye no Selbourne Ngcobo.

Ngonyaka wezi-1960 uNyembezi wathola umsebenzi enkampanini yabashicileli eMgungundlovu eyaziwa ngokuthi i-Shuter and Shooter, lapho aba khona ngumhleli omkhulu wezilimi zama-Afrika. Ngonyaka wezi-1975 wajoyina ibhodi kuyo lenkampani. Ngonyaka wezi-1976 wajoyina ibhodi le-KwaZulu Booksellers lapho adlalo khona indima enkulu ekushintshweni kwegama kuyiwe kwelithi-Reach Out Publishers. Ngonyaka wezi-1979 wajoyina ibhodi lenhlangano yabashicileli eyaziwa ngokuthi i-The Natal Witness, lapho aphatha khona kwaze kwaba isikhathi sokuthi adlule emhlabeni.

Njengendoda eyabe igqamile kwezonkolo, wabe engumongameli esigungwini seNdzodelelo yebandla lamaWeseli. Wayephinde abe ngomunye wabasunguli be-Edendale Lay Ecumenical Centre [2].

Imisebenzi yakhe hlela

Imisebenzi kaNyembezi ifaka phakathi amanoveli, izinkondlo, ubuciko bomlomo, ucwaningo, izichazimazwi kanye nohlelo lolimi [1].

  • 1950 - Mntanami! Mtanami! (Yagcina isiqanjwe ngokuthi Ushicileleo lwesithathu, 1965). EGoli: Bona-Pers
  • 1952 - Saphela Yizingozi Nokuphelelwa Wubuntu!
  • 1953 - Ubudoda Abukhulelwa. EGoli: Shuter and Shooter
  • 1954 - Zulu Proverbs. EGoli:Shuter and Shooter
  • 1956 - Uhlelo LwesiZulu. EGoli: Shuter and Shooter
  • 1958 - Learn Zulu. EGoli:Shuter and Shooter
  • 1958 - Izibongo Zamakhosi. EGoli: Shuter and Shooter
  • 1961 - Inkinsela yaseMgungundlovu. EGoli:Suter and Shooter
  • 1963 - Imisebe Yelanga.EGoli: Educum Publishers
  • 1963 - Izimpophoma Zomphefumulo. UMgungungundlovu: Shuter and Shooter
  • 1963 - Amahlunga Aluhlaza. EGoli: Shuter and Shooter
  • 1964 - Compact Zulu Dictionary: English-Zulu, Zulu-English. UMgungungundlovu: Shuter and Shooter
  • 1966 - Inqolobane Yesizwe (Kanye no Otty Ezrom Nxumalo). EGoli: Shuter and Shooter
  • 1981 - IGoda. UMgungungundlovu: Lincroft Books
  • 1981 - Isibuko Senhliziyo. UMgungungundlovu: Shuter and Shooter
  • 1987 - Ulutya. UMgungungundlovu: Lincroft Books
  • 1990 - Learn More Zulu. UMgungungundlovu: Shuter and Shooter; EGoli: Threshold Publishers
  • 1992 - AZ: Isichazimazwi Sanamuhla Nangomuso. UMgungungundlovu: Reach Out Publishers

Eminye Imisebenzi hlela

  • 1958 - (Wayitolika) Cry, The Beloved Country (Lafa Elihle Kakhulu) ibhalwe ngu-Alan Paton. EGoli:Shuter and Shooter.
  • 1961 - A Review of Zulu Literature. University Lecture delivered in University of Natal, UMgungungundlovu mhla zi-7 ngoLwesithathi wezi-1961.
  • 1983 - (Ibhalwe ngokuhlanganyela) Anthology of Articles on African Linguistics and Literature: A Festschrift to C.L.S Nyembezi. EGoli: Lexicon Publishers
  • 1995 - (Ibhalwe ngokuhlanganyela) Scholar's Zulu Dictionary: English-Zulu, Zulu-English. UMgungungundlovu: Shuter and Shooter
  • 1996 - (Ibhalwe ngokuhlanganyela) Interviews with Sibusiso Nyemebezi. UMgungungundlovu: University of Natal

Ukufa Kwakhe hlela

Ngonyaka wezi-1997 kwatholaka ukuthi unesifo solwembu lwengqondo, akazange aze alulame emva kwalokho. Wadlula emhlabeni mhla zingama-27 kuNhlangulana wezi-2000. Wadlula emhlabeni washiya unkosikazi wakhe kanye nabantwana bakhe abane [3]. .

Ifa hlela

Ngonyaka wezi-2005 ibhilidi eliseMgungungundlovu elabe libizwa ngokuthi iseSymonds Centre lashintshwa igama labizwa ngokuthi uSolwazi Sibusiso Nyembezi Centre, ukuhlonipha imisebenzi yakhe. UNyembezi uyohlezi ekhunjulwa ngegalelo aba nalo ekuthuthukiseni ulimi lwesiZulu.

Imithombo hlela

  1. 1.0 1.1 1.2 "Sibusiso Nyembezi". 1 Ncwaba 2005. Archived from the original on 2016-03-20. Kulandwe ngomhlaka 15 Ntulikazi 2018. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)
  2. "Heroes Honoured-in Renaming Ceremony". 1 Ncwaba 2005. Kulandwe ngomhlaka 15 Ntulikazi 2018. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)
  3. "The Death of Pro Nyembezi". 27 Nhlangulana 2000. Kulandwe ngomhlaka 15 Nhlangulana 2018. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)[dead link]