University of South Africa

Inyuvesi enkulu kunawo onke e-Afrika

INyuvesi yase Ningizimu Africa (UNISA)[lower-alpha 1] inguhlelo lwenyuvesi olukhulu kunazo zonke eNingizimu Afrika ngokokubhaliswa kwabafundi. Iheha ingxenye eyodwa yokuthathu yabo bonke abafundi bemfundo ephakeme eNingizimu Afrika. Ngokusebenzisa amakolishi nezikhungo ezahlukahlukene, i-UNISA inabafundi abangaphezu kuka-400,000, okufaka nabafundi abavela emazweni ngamazwe abavela emazweni ayi-130 emhlabeni wonke, okuyenza ibe ngenye yamanyuvesi amakhulukazi futhi okunguphela kwayo enjalo e-Afrika.

Njengenyuvesi ephelele, i-Unisa inikeza kokubili izinhlelo zokufundela umsebenzi nezemfundo, eziningi zazo eziye zathola ukugunyazwa kwamazwe omhlaba, kanye nesinyathelo esibanzi sokuma kwezwe, okunikeza abafundi bazo ukuqashwa nokuqashelwa emazweni amaningi emhlabeni wonke. Inyuvesi ibala abantu abaningi baseNingizimu Afrika abavelele phakathi kwAbafundi bayo, kufaka phakathi abawinile Umklomelo kaNobel ababili: UNelson Mandela, umongameli wokuqala okhethwe ngentando yeningi waseNingizimu Afrika kanye Umbhishobhi Omkhulu UDesmond Tutu.

Yasungulwa ngo-1873 njenge-University of the Cape of Good Hope, i-Nyuvesi yaseNingizimu Afrika (noma i-Unisa njengoba yaziwa kanjalo ngokwejwayelekile) ichithe ingxenye enkulu yomlando wayo wokuqala njengegatsha lokuhlola lenyuvesi yase-Oxford neyaseCambridge kanye nanjengesifukameli okuvela kuso amanye amanyuvesi amaningi eNingizimu Afrika. Umthetho wango-1916 wasungula iNyuvesi yaseNingizimu Afrika ezimele (umthetho ofanayo wasungula iNyuvesi yaseStellenbosch kanye neNyuvesi yaseKapa njengamanyuvesi azimele) "njengesambulela" noma isikhungo sikahulumeni esinekomkhulu laso ePitoli, sidlala indima yokubhekelela yezemfundo yamakolishi amaningana agcina eba ngamanyuvesi azimele.[1] Amakolishi ayengaphansi kwe-UNISA kwakuyi-Grey University College (Bloemfontein), i-Huguenot University College (Wellington), i-INatal University College (Pietermaritzburg), I-Rhodes University College (Grahamstown), i-Transvaal University College (Pretoria), i-South African School of Mines and Technology (Johannesburg), ne-Potchefstroom University College.[2] Ngo-1959, ngokuphasiswa kwe-Extension of University Education Act, ukubhekelela okwakwenziwa yi-UNISA kwabuye kwadluliselwa "emanyuvesi amnyama" amahlanu, okuyi Nyuvesi yase Zululand, iNyuvesi yaseNtshonalanga Kapa, iNyuvesi yaseNyakatho, iNyuvesi yaseDurban-Westville, neNyuvesi yaseFort Hare.[3] Ngo-1946, i-UNISA yanikezwa indima entsha njengenyuvesi yemfundo ekude, futhi namuhla ifundisa izifundo zezitifiketi, zamadiploma kanye nezeziqu kuze kufike ezingeni lobudokotela.


Cite error: <ref> tags exist for a group named "lower-alpha", but no corresponding <references group="lower-alpha"/> tag was found

  1. Universities and Society in South Africa: An Historical Perspective (The Van Wyk de Vries Commission on Universities: Critical Comments). 1975. 
  2. Universities and Society in South Africa: An Historical Perspective. 1975. 
  3. Academic Freedom and the Extension of University Education Act. 1975.