Thembisa
IThembisa inxuluma elikhulu elisenyakatho ne-Kempton Park eMpumalandi, esifundazweni saseGauteng, eNingizimu Afrika. Lenxuluma lasungulwa ngowe-1957 ngenkathi abantu abansundu besuswa enxulumeni i-Alexanda nakwezinye izikhundla e-Edenvale, e-Kempton Park, e-Midrand nase-Germiston.
Thembisa | |
---|---|
Izixhumanisi: 26°00′20″S 28°12′37″E / 26.0055°S 28.2102°E | |
Izwe | IRiphabliki waseNingizimu Afrika |
Isifunda | Gauteng |
Umasipala | Ekurhuleni |
Founded | 1957 |
Ubukhulu[1] | |
• Jikelele | 32.44 km2 (12.53 sq mi) |
Inani labantu (2001)[1] | |
• Jikelele | 348,693 |
• Iqulu | 11,000/km2 (28,000/sq mi) |
First languages (2001) | |
• isiSuthu sasenyakatho (isiPedi) | 34.5% |
• isiZulu | 25.0% |
• isiTsonga | 12.1% |
• isiXhosa | 7.9% |
• Other | 20.5% |
uMlando
hlelaLeli nxuluma lakhiwa ngowe-1957, ngaphansi kokuphatha komkhandlu wesidlavela sase-Germiston owawuqondisa ukususwa kwabantu abansundu ngempoqo ezindaweni ezithathwa ngokuthi ngezabelungu, ezifana ne-Dindela, e-Tikkieline, e-Phelindaba, nase -Modderfontein eyayihlanganisa i-Edenvale, i-Modderfontein ne-Kempton Park. Inxuluma lesibili elikhulu eGoli, lilandela i-Soweto.
Ngowe-1977 uhulumeni weleka iMikhandlu yoMphakathi futhi ngowe-1982 wayithuthukisa kwaba iMikhandlu yesiDlidli, ngaphansi koMthetho wamaGunya aseziNdaweni zabaNsundu. Uhulumeni wanika leMikhandlu amandla alinganiselwe kodwa wayincisha amandla angokwezimali. Ngalokho, ukuze ikhuphule imalingeniso ngenhloso yokuthuthukisa amanxuluma, lemikhandlu yakhuphula imali yokuqasha neyezidingongqangi. Lokhu kwabangela abahlali basemanxuumeni ahlukene, kuhlanganise neThembisa, ukuba basungule izinhlaka zomphakathi ukuze bamelane nokukhushulwa kwemali yokuqasha nezidingonqangi.
Imithombo
hlela- ↑ 1.0 1.1 "Main Place 'Tembisa'". Census 2001. Kulandwe ngomhlaka 1 April 2011.