Thokozani Langa (9 ngoNhlolanja 1972 -) ubye ziwe ngelika Somnandi ngumculi wohlobo lomculo kaMaskandi osuka endweni yaseMahlabathini, Kwa-Zulu Natal.[1]. Ngonyaka we-2012 kuMklomelo woMculo waseNingzimu Afrika (SAMA) ewinela i-alibhamu engu ngqa phambili kumculo kwaMaskandi, enesihloko esithi I-Protection Order.

Thokozani Langa
Igama lokuzalwa Thokozani Langa
Also known as Somnandi
Ubezalwa (1972-02-09) ngoNhlolanja 9, 1972 (Iminyaka 52)
Mahlabathini , KwaZulu Natal, eNingizimu Afrika
Izinhlobo Mas'kandi
Abasebenzi Umculi, umbhali wengoma
Amathuluzi Iphimbo
Isikhathi 2005–namanje
Amaqembu Bula Music
Amaviyo Sfiso Ncwane


Imisebenzi hlela

Ngonya wezi-2004 wasayinwa yinkampani ekhiqiza umculo ebizwa ngokututhi yi-Bula Music ukuze akhiphe i-alibhamu yakhe yesithatthu. Emva kukuqgama emsakweni wezwe kanye nasohlwelweni lomculo wesintu elabe lidlala kumabonakude alizawa ngokuthi Ezodumo, igama lakhe laqokwa kuma-SAMA ngonyaka wezi-2013. Lapha wabe eqokelwe kwisigaba se-alibhamu engu ngqa phambili kuMasikandi kanye nengu ngqa phambili kuMbaqanga. Lapha wabe eqokelwe amalibhamu akhe womabili okuyilawa, Iphepha Nepeni (2005) kanye nethi Lishonil' Ilanga (2006). Kulesigaba wabe eqhathwe neqembu lombaqanga i-Soul Brothers kanye noBhekumuzi Luthuli [2].

OkaLanaga wake wabe sembangweni nomunye nomculi kamsakandi uBhekumuzi Luthuli. Ukungathelelani amanzi kwabo kwaze kwaholela ekutheni uLanga akhiphe i-alibhamu eyabe inesihloko esithi Phuma Kimi (2007). Le-alibhamu yanqoba kuMklomelo woMculo weSintu waseNingizimu Afrika kuMandulo ngonyaka wezi-2007, izizwa kwisigabe seCiko leSilisa elihamba phambili.

Ama-alibhamu hlela

  • Ipeni Nephepha (2005)
  • Lishonil'Ilnaga (2006)
  • Phuma Kimi (2007)
  • Wawuthini? (2008)
  • Inganekwane (2009)
  • Sthanda iFamily (2010)
  • I-Protection Order (Ukuvikeleka oKugunyaziwe) (2011)
  • Nganginemali (2012)
  • Inyakanyaka (2013)
  • Igama Lami (2014)
  • Khuzeka Mshana (2015)
  • Amabrazo (2016)
  • Isiqalekiso (2017)

Imiklomelo hlela

Imithombo hlela

  1. "Archive copy". Archived from the original on 2011-02-15. Kulandwe ngomhlaka 2012-05-11.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  2. Maskandi, Music (18 kuNhlolanja 2018). http://wwww.maskandi.co.za/thokozani-langa-albums-and-songs. Kulandwe ngomhlaka 1 kuNhlaba 2018. Missing or empty |title= (help)[dead link]