UXhakaxholo lwezinto

uHlaka olunjengoxhakaxholo oluxhumanisa izinto zoqobo ezisetshenziswayo

UXhakaxholo lwezinto igama elichazisa izinto ezibonwayo (noma amaqembu ezinto ezinjalo) ezinezihlonga, ikhono lokudludlunga, inhlelokusebenza, nobunye ubuchwepheshe obuxhuma futhi babelane ngemininingo nazinye iziLekeleli nezimiso ngoxhakaxholo noma amanye amaxhoxho wokuxhumana.[1] Uxhakaxholo lwezinto luye lathathwa njengegama elidukisayo ngokuba iziLekeleli azidingi ukuxhuma kuxhakaxholo lomphakathi, zidinga nje ukuba zixhunywe kuxhoxho.

Lomkhakha usuthubekile ngenxa yokuhlangana kwezobuchwepheshe eziningana, ezihlanganisa ukucikiza okusabalele, izinzwi zesithengiswa, izimiso ezihlayiziwe eziba namandla, kanye nokufunda kwenguxa. Imikhakha engokwesiko yezimiso ezihlayiziwe, amaxhoxho wezinzwi aswelintambo, izinhlelo zokulawula, inhleleleko (kuhlanganisa nenhleleleko yasekhaya nasembijongweni), zonke zikwazi ukuvumela uxhakaxholo lwezinto ngazodwa nanjengembumba. Endayini yabashwabadeli, ubuchwepheshe boxhakaxholo lwezinto bumqondofana nemikhiqizo ephathelene nesicabango "sekhaya elintwesi", kuhlanganise nezinguxa nezilekeleli (ezifana nezokukhanyisa, isifinamchadamezo, izinhlelo zokuvikela ikhaya, izithwebuli, nezinye iziLekeleli zasekhaya) ezixhasa amaxhaxhahlelo avamile, nezingalawulwa ngezinguxa ezifana nomakhalipha nezinkentezi ezintwesi. Uxhakaxholo lwezinto luyasetshenziswa nasezinhlelweni zokunakekelwa kwempilo.

Kunezikhalo ezimbalwa mayelana nezingcuphezo zokukhula kwezobuchwepheshe boxhakaxholo lwezinto nemikhiqizo yalo, ikakhulukazi endabeni yengasese nokuvikeleka, futhi ngokomphumela , kube nomdiki owenziwa ngohulumeni nezimboni ekunakeni lezikhalazo, ohlanganisa ukuthuthukiswa kwezindinganiso zomhlabawonke nezasendaweni, iziqondiso, nezinqumo ezilawulayo.

  1. Shafiq, Muhammad (2022-08-03). The Rise of “Internet of Things”: Review and Open Research Issues Related to Detection and Prevention of IoT-Based Security Attacks. p. e8669348. https://www.hindawi.com/journals/wcmc/2022/8669348/.