Ubuhlohlesakhe

uhlelo lwezomnotho olusekwe ebunikazini obusisulu
(Redirected from UbuGombelakwesakhe)

Sao_Paulo_Stock_Exchange

Ubuhlohlesakhe noma ubuGombelakwesakhe uhlelo lwezomnotho olusekelwe kubunikazi obusisulu bezinsiza zokukhiqiza kanye nokugidinga kwazo ukwenza imveza. Izici eziyinhloko zobugombelakwesakhe zifaka ukuqongelela imali, izindayi ezincintisanayo, isimiso sentengo, impahla esisulu, ukuqashelwa kwamalungelo empahla, unano lokuzithandela, kanye nomsebenzi okhokhelwayo. Emnothweni wendayi, izinqumo notshalomali kwenziwa abanikazi bomcebo, impahla, noma ikhono lokuvivisa imali noma ikhono lokukhiqiza lwemali noma izindayi zezimali, kuyilapho izintengo nokusatshalaliswa kwezimpahla ezikhiqizwayo nezinkonzo kuyizinto ngokuyinhloko ezinqunywa ukuncintisana ezindayini zezimpahla nezinkonzo.

Izazi zomnotho, izazi zomlando, osomnotho bombusazwe kanye nezazi zomphakathi bathathe imibono engafani ekuhlaziyeni kwabo ubugombelakwesakhe futhi bathole kunezindlela ezihlukile zokusebenza kwabo. Lezi zihlanganisa uthelawayeka noma ubugombelakwesakhe bendayi ekhululekile, ubugombelakwesakhe obungenazithiyo, ubugombelakwesakhe bombuso kanye nobugombelakwesakhe benhlakahle. Izinhlobo ezihlukile zobugombelakwesakhe zinolwangu lwamazinga angafani othelawayeka, ubunikazi obusobala, izithiyo zokuncintisana ngokukhululekile kanye nezinqubomgomo zomphakathi ezenziwa umbuso. Izinga lokuncintisana ezindayini kanye neqhaza lokungenelela nokulawulwa kanye nobukhulu bobunikazi bombuso ziyahluka onongweni oluhlukahlukene lobugombelakwesakhe. Izinga lezindayi ezihlukene ezikhululeke ngalo nemithetho echasisa impahla esisulu kuyizindaba zombusazwe nezinqubomgomo. Iningi leminotho ekhona yobugombelakwesakhe ihlanganisa izici zezindayi ezikhululekile kanye nokungenelela kombuso futhi kwezinye izikhathi nokuhlelwa komnotho.

Iminotho yezindayi yayikhona ngaphansi kwezinhlobo eziningi zohlumeni nangezikhathi ezihlulahlukene, izindawo ezihlukene namasiko ahlukene. Imiphakathi yobugombelakwesakhe yanamuhla yathuthuka eYurophu esentshona enqubweni eyaholela kuGuquko lwezeziMboni. Izimiso zobugombelakwesakhe ngamazinga angafani okungenelela kokuhulumeni sekube yizona seqhulwini entshona futhi ziyaqhubeka nokwanda. Ukukhula komnotho kuyisici seminotho yobugombelakwesakhe [1] [2]

imithombo hlela

  1. . p. 6–7. Missing or empty |title= (help)
  2. Chris Jenks. Core Sociological Dichotomies. "Capitalism, as a mode of production, is an economic system of manufacture and exchange which is geared toward the production and sale of commodities within a market for profit, where the manufacture of commodities consists of the use of the formally free labor of workers in exchange for a wage to create commodities in which the manufacturer extracts surplus value from the labor of the workers in terms of the difference between the wages paid to the worker and the value of the commodity produced by him/her to generate that profit." London; Thousand Oaks, CA; New Delhi. Sage. p. 383.