Ubuciko bomlomo yinkulumo enobuchwepheshe noma eyingxoxo eyedluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane ngomlomo, isibonelo izithakazelo,izibongo, izinganekwane njjl. Lokhu kubalulekile ngoba abantu badinga ukwazi ngemvelaphi yabo.Ungasho ukuthi ubuciko bomlomo uhlobo lwenkulumo olusetshenziswa abantu abadala ukuze batshele izingane ngomlando, futhi ungasho ukuthi izingane ziyayisebenzisa lenkulumo ngoba awuvamile ukuthola abantu abadala bephicana. Izibongo zisebenzisa abantu abadala ukuze babingelele noma bahloniphe loyo obongwayo. Ngalokho singasho ukuthi Ubuciko bomlomo benzelwe abantu bonke.

Ubuciko bomlomo bucitha isizungu futhi buyayala buphinde bufundise.Mandulo njengoba bekungekho izinto eziningi zokuzijabulisa, loluhlobo lwenxoxo beludume kakhulu. Ngesikhathi samanje sinomabonakude, nomakhalekhukhwini one-internet. Okhokho bethu bakhule ngayo lenxoxo.