Ucwaningo

Isifundo esihleliwe esenzelwa ukukhulisa ulwazi

Ucwaningo luchazwa ngokuthi "umsebenzi wobuchule nohleliwe owenziwa ukukhulisa inqolobane yolwazi". Luhlanganisa ukuqoqwa okungachemile, ukuhlelwa nokuhlaziywa kokwaziswa ukukhulisa ukuqonda kwesihloko noma udaba. Umsebenzi wocwaningo ungaba ukwandiswa komsebenzi wakudala kulowomkhakha. Ukuze lukwazi ukuvivinya ubuqiniso bezinsiza, izinkambiso, noma umgcanso, ucwaningo lunganyaliza (replicate) izici zezinkebengo (projects) zangaphambili noma inkebengo isiyonke.

Humanités_Numériques

Izinjongo eziyinhloko zocwaningo oluyisiseko (olungafani nocwaningo olusetshenziswayo) ukubhala kwemibhalo, ukuvubukulwa, ukuhlakahlwa, kanye nocwaningo nokuthuthukiswa kwezindlelasu nezimiso zentuthukiso yolwazi lomuntu. Izindlela zokucwaninga zincike kwimichazalwazi, ehlukayo kokubili ngaphakathi nasenqekeni yezabantu nezenzululwazi. Kukhona izinhlobo zocwaningo eziningana: lwenzululwazi, lwezabantu, lwezobuciko, lwezomnotho, lwezomphakathi, lwezezihwebi, lwezokuhuhisa, ucwaningo lwezochwepheshe, lwempilo, lwezobuchwepheshe, njll. Isifundo senzululwazi socwaningo saziwa ngokuthi ucwaningo-ngqo.

uMsuka hlela

 
uArisitotile, (384–322 BC), omunye wabathuthukisi bendlelasu yenzululwazi

Ibizo elithi ucwaningo livela esenzweni sokucwaninga, esisho 'ukucusumbula, ukuhlukanisa ngemininingwane,' lihlobene nelinye ibizo elithi 'ukuhlwaya', umuntu ocwaningayo kungashiwo kuthiwe uyahlwaya, okungukuthi ufuna into ethile ngokuphenya aze ayithole.

Izincasiselo hlela

Ucwaningo luye lwachasiswa ngezindlela eziningi ezihlukene, nakuba zonke zinokufana okuthile, kubonakala ingekho incasiselo eyodwa ehlanganisa kwasani neyamukelwa yibo bonke abenza ucwaningo.

Ucwaningo ngamazwi alula kuwukuhlwaya iqiniso nokuhlwaya ulwazi. Ngomqondo osemthethweni, kuwukufundwa okuhleliwe kwenkinga ehlangatshezwa ngeqhingasu elikhethiwe okuleka ngokuqoma insondelo yokulungisa umklamo nokwenza okushoyo ngokuklama isihlawumbiselo socwaningo, ukukhetha izindlelasu nobunyoninco, ukukhetha noma ukuthuthukisa amathuluzi wokuqoqa imininingo, ukuhidanisa imininingo, ukuhlakahla nokupheza ngokwethula isixazululo saleyo nkinga.