Uketshe

umtshoko undingiliza ohlelweni loketshe

Illu_lymph_capillary

Uketshe (lihumusha elesiLatin, lympha, elisho ukuthi "amanzi",) linguketshezi olugeleza ohlelweni loketshe, uhlelo olwakhiwa imithambo yeketshe kanye namaqhuzwana oketshe afana nohlelo lwemithambo ngendlela yokusebenza, ewukubuyisela uketshezi olusuka ezicutshini ukuze lujikeleziswe kabusha. Ekuqaleni kwenqubo yokubuya-komtshoko, umtshoko omaphakathi ungena emathunjaneni oketshe- (umtshoko omaphakathi kwamangqamuzana kuzo zonke izicubu zomzimba). Lomtshoko woketshe ube usufufuthwa ngomthambo omkhulu emaqhuzweni oketshe, lapho iziqa zisuswa khona ngamangqamuzana oketshe ezicubu futhi amangqamuzana adingilizayo enezelwa emtshokweni, ngaphambi kokuchithekela kumthambo ongaphansi komthivothi okwesokunene noma esokhohlo (right or the left subclavian vein), lapho uxubana khona negazi lemithambo.