Ukufa

ukuyeka okungenakubuyiselwa emuva kwazo zonke izinsebenzo zempilo ezilonda isiphili

Ukufa ngukuphela kwayo yonke imisebenzi engokwempilo okuyiyona elonda isiphili. Ukufa ubuchopho kuyasetshenziswa ngezinye izikhathi njengencazelo engokomthetho yokufa. Umzimba walokho obekuyisiphili ngokuvamile uqala ukubola emva kokufa. Ukufa yinqubo engenakuvinjwa efikela cishe zonke iZiphili.

Ikhanda lomuntu liwuphawu lomhlaba wonke lokufa
Inyoni efile

Ukufa ngokuvamile kwenzeka esiPhilini ngokuphelele; inqubo efanayo ebonakala yenzeka ezingxenyeni ezithile zesiphili ngazinye, njengasemangqamuzaneni, ezicubwini, ibizwa impangalalo. Into engabalwa njengesiphili, njengegciwanyane, ingabhujiswa uqobo lwayo kodwa soze kuthiwe ifile. Kusuka ekuqaleni kwekhulu lama-21, abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingama-150 bayafa nsuku zonke, ngokuguga okuyimbangela yokufa evamile kunazo zonke.

Amasiko amaningi nezinkolo zinomcabango wempilo yangale kwethuna, futhi zibambelela embonweni woKwahlulelwa kwezenzo ezimbi nezinhle zokuphila komuntu (iZulu, isihogo, ikarma).

Ukucilonga hlela

 
Amanani aqagelwayo weNhlangano yezeMpilo yoMhlaba, wokufa ebantwini abayisgidi ngowezi-2012
     1,054–4,598     4,599–5,516     5,517–6,289     6,290–6,835     6,836–7,916     7,917–8,728     8,729–9,404     9,405–10,433     10,434–12,233     12,234–17,141

Izinkinga zencasiselo hlela

 
French – 16th-/17th-century ivory pendant, Monk and Death, recalling mortality and the certainty of death (Walters Art Museum)

Isicabango sokufa simqoka ekuqondeni kwabantu lesimongotho.[1] Kunezindlela eziningana zenzululwazi kanye nezinhlakahlo ezihlukahlukene zalesicabango. Ngaphezu kwalokho, ukufika kwezokwelapha ezilondoloza impilo kanye nezindlela eziningi zokuchasisa ukufa kokubili kwezokwelapha nakwezomthetho, kwenze kwaba nzima ukuba kube nencasiselo eyodwa.

  1. Samir Hossain Mohammad; Gilbert Peter (2010). "Concepts of Death: A key to our adjustment". Illness, Crisis and Loss 18 (1).